input
stringlengths
1
130k
ZIZOHLOLWA amehlo izaguga zaseMlaza emkhankasweni wokuqwashisa abantu ngokunakekelwa kwamehlo.
ZIZOHLOLWA ukuthi azithinteki yini ezehlakalweni zobugebengu izibhamu ezingu 42 ezishaqwe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal ngesikhathi enomkhankaso wokususa izibhamu ezingekho emthethweni ezandleni zezigebengu.
ZIZOJIKA izinto emkhakheni wezokuvakasha emuva kokusungulwa kweTourism Equity Fund, ezoxhasa amabhizinisi abamnyama abakulo mkhakha.
Zizokhethwa ngesonto elizayo izimeya zale mikhandlu.
ZIZOKHUMULA zihambe nqunu zingenela nesiteleka sokungadli iziboshwa zakuleli zibhikishela ukungavakashelwa kwazo emajele njengoba kusaqhubeka izinhlelo zokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
ZIZOKUBA noKhisimusi omnyama izisebenzi zikahulumeni KwaZulu-Natal njengoba imiholo yazo izoncishiswa ngoR5.4billion.
ZIZOKWANDA izindleko kwizakhamizi zaseNingizimu Afrika njengoba kulindeleke ukuthi ikhuphuke ngo-16,5%, intengo yamanzi ngokusho koMnyango wezaManzi nokuthuthwa kweNdle.
ZIZOKWANDISWA izikhungo zokugomela iCovid-19 kuleli zisuke ku-17 ziye ku-49.
ZIZOKWAZISWA izitshudeni zase-UNISA ngokuqhubekayo mayelana nokuqala konyaka wokufunda kulesi sikhungo semfundo ephakeme kulo nyaka
Zizolandela ngokutholana phezulu noThongathi FC koweNedbank Cup Last 32.
ZIZOMENYEZELWA namhlanje izinhlelo zomngcwabo wesihlabani somdidiyeli womculo, uRobbie Malinga, esishone ngoKhisimusi ntambama, emzini waso oseFourways, eGoli.
ZIZONGENA ngaphandle kokufunwa izitifiketi zokuzalwa noma izincwadi ezichaza ngemvelaphi yazo izingane zakwamanye amazwe ezizohambela kuleli.
“Zizonyuka izigameko zobugebengu, yingakho kumele sinyuse izinga lethu lokubopha. Sizokwandisa isibalo samaphoyisa emabhishi, kwinxanxathela yezitolo nasezindaweni eziyimijondolo. Sinxenxa abantu ukuthi basinike ulwazi ngezigilamkhuba emiphakathini,” kusho uJula.
ZIZOPHAKAMISA umhlanga okokuqala ngqa kusasa izintombi ezizobe zimele inyuvesi yaseDurban University of Technology (DUT) eziyingxenye yomcimbi woMkhosi woMhlanga eNyokeni KwaNongoma.
ZIZOPHELA izinsizi kosomabhizinisi abangenaso isibambiso uma bedinga ukuxhaswa ngemali njengoba i-Absa iveze ukuthi inohlelo lokubaxhasa olungadingi imicikilisho eminingi.
ZIZOPHELELWA ngamahlathi izephulamthetho ngala maholidi KwaZulu-Natal njengoba kuzobe kukanise amaphoyisa azoqapha isimo sezokuphepha kuzo zonke izindawo okudlange ubugebengu.
ZIZOPHINDE zihlomule kwiNational Student Financial Aid Scheme izitshudeni ezingakwazanga ukuphothula iziqu zazo ngesikhathi esibekiwe ngenxa yezingqinamba ezehlukene.
ZIZOPHUZA amanzi ahlanzekile naphephile emakhaya izakhamizi zikaMasipala weLembe, ngemva kokuthi kwethulwe uhlelo lwemishini ehlanza amanzi. Lolu hlelo lwethulwe ngabeSibaya Community Trust ngoLwesithathu.
ZIZOQHUBEKA nokuhlala ezindaweni okuhlala kuzo izitshudeni, ezasemazweni angaphandle ezifunda emanyuvesi akuleli ezingeke zikwazi ukubuyela emazweni azo.
ZIZOQHUBEKA nokukhankasela ukuthi kube nesibonelelo sabangasebenzi izinhlangano ezisiza umphakathi, emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, engashongo lutho ngaso.
ZIZOQINA ezokuphepha emigwaqweni yaKwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe ngamaholidi kaKhisimusi, kuthiwa amaphoyisa azobe echithiwe.
ZIZOQONDISWA ubugwegwe izikhulu zezemfundo esifundeni iHarry Gwala okuthiwa zephula umthetho ngamabomu, zahlalisa abafundi esikhungweni esingekho esimeni, zibabeka engcupheni yokuthelelana ngeCovid-19.
ZIZOSALA dengwane izinkampani ebezisebenza ngaphansi kwesikhondlakhondla kwezokwakha iGroup Five njengoba kuthiwa ithwele kanzima ingase ivalwe ngenxa yokwentula imali.
ZIZOTHATHELWA izinyathelo zomthetho izikhulu zikahulumeni ezithinteka emkhonyovini wethenda lezingubo nezinsiza ezaziqondene neCovid-19 KwaZulu-Natal.
ZIZOTHOLA izitatimende zemiphumela yokuhlolwa izitshudeni ezikweleta amanyuvesi kodwa izitifiketi zizobanjwa.
ZIZOVALWA ezinye izikole KwaZulu-Natal nasezweni lonke njengoba izolo kuqale uhlelo lokugoma othisha nabasebenzi.
ZIZOVALWA izinkampani ezingayilandeli imithetho yokuphepha ukuze kugwemeke ukubhebhetheka kwe-Covid19, usho kanje uNgqongqoshe wezabaSebenzi uMnuz Thulas Nxesi.
ZIZOVULA kuze kube wu-10 ebusuku izindawo zokudlela ukuze zikwazi ukudayisela amakhasimende izidlo zasebusuku.
Zizovula neRoyal Eagles ngeSonto ekhaya bese zilandela neTshakhuma ekuhambeni ngoMeyi 22. Imidlalo, okukhona kuyo eyasekhaya neyasekuhambeni, iyoze iphele ngoJuni 1 sekuphuma elizoba ngelika-16 kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.
ZIZOVULELWA amacala izikhulu ezasebenzisa budedengu izigidi zamaRandi zokuthenga izinsiza zokulwa nokusabalala kobhubhane iCorona kuMasipala waseThekwini.
ZIZOVULWA ngo-Juni 1 izikole kuleli kulandela isimemezelo esenziwe uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga ngoLwesibili ntambama.
ZIZOVULWA ngoMsombuluko izibhedlela ezizimele zakwaNetcare eThekwini ebezivalwe kulandela ukuthi kutholakale ukuthi kukhona abahaqwe yiCoronavirus okubalwa kubo nabahlengikazi.
Zizovulwa zonke izikhungo ezingu-22 924 zokuvota njengoba kuqalile ukuvota kwalabo abazobe besebenza, abakhulelwe, nabadala, ngosuku lokhetho.
Zizovunyelwa izivakashi ukubuka ezindaweni zokugcina amagugu kodwa ngesikhathi zihamba zibuka , ngeke ziphelezelwa.
ZIZOWUDLELA ejele laseWestville, uKhisimusi izelamani zakwaGovender emva kokunqatshelwa ibheyili yinkantolo ecaleni lokubulala owayengumfundi ka-matric, uMondli Majola (19) ngesikhathi sezibhelu zasePhoenix ngoJulayi nonyaka.
Zizoxhaswa ngoR7 350 wemali yokugibela noR2 900 wokuzibheka ngonyaka.
Zizoya emdlalweni obhekwe ngabomvu ngoMgqibelo ebusuku iSharks isendaweni yesine namaphuzu awu-14 emidlalweni emihlanu.
ZIZOZALELWA yinja endlini izinkampani ezahlomula kungafanele ngenkathi zifaka izicelo zemali, iCovid-19 TERS, kuhulumeni ukuze ziholele abasebenzi bazo.
ZIZULELWA amanqe izichuse zobandlululo kuleli okusolwa ukuthi yizona ezinomthelela owenza ezinye izinhlanga zibukele phansi ezinye.
ZIZWAKELE izikhalo zabazali bezingane zaseNqundu Combined, abamise ukufunda ngoba befuna isikole sibe namakilasi kaGrade 11 no-12.
zodwalibram(@zodwalibram) on Dec 28, 2017 at 11:11pm PST
zodwalibram(@zodwalibram) on Jul 17, 2019 at 7:10am PDT
zodwalibram(@zodwalibram) on Jul 21, 2019 at 2:36am PDT
zodwalibram(@zodwalibram) on Jul 25, 2019 at 11:59pm PDT
zodwalibram(@zodwalibram) on Mar 6, 2019 at 2:38am PST
zodwalibram(@zodwalibram) on Mar 6, 2019 at 9:16pm PST
zodwalibram(@zodwalibram) on May 20, 2019 at 12:51am PDT
Zodwa Wabantu Uncensored ethinta indlela azizwa ngayo ngabantu abathandana nabobulili obubodwa.
Zodwa Wabantu Uncensored khona ngoba singekho isiteshi i
Zodwa Wabantu yakamuva ohlelweni lwakhe i
zokuthi bashade ngokwesintu nalapho uMshoza aveza khona ukuthi ujabule.
zokuthi uhlukene nesithandwa sakhe ebesanda kusithola uChad da Don.
Zolo lokhu sigilwe u Dkt Zweli Mkjize uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke wasilethela odokotela baseCuba esabagcina behla esikhumulweni sezindiza, okwasikhathaza ukuthi asibabonanga ezibhedlela. Okwalandela kwaba yile mishanguzo yabo yokuthiba igciwane leCovid-19 eyabhuntsha ngenxa yobudedengu bomnyango wakhe uMkhize. Sithe sisababaza lokho okwenziwa yi-ANC ngeniyane owaseChina ePhalamende wafungiswa waba yilungu. Okusikhalisa kakhulu ukuthi intsha efundile ihlezi emakhaya nemikhakha yayo neziqu zobunjiniyela kepha umnyango kaNgqongqoshe uLindiwe Sisulu ophethe kwezamanzi ususilandele onjiniyela baseCuba ukuba bazobheka inkinga yamanzi ezweni lethu. Okubikwayo ukuthi bazohola cishe ikota yesigidi ngenyanga ekubeni abalana bebengayamukela imali engu R50. OOO ngenyanga ezweni labo nasendaweni abaziyo ukuthi amapayipi amanzi akuphi, ngoba laba baseCuba basazothembela emabhukwini ukubheka ukuthi inkinga yamanzi ikuphi. Uyabona umama uLindiwe ulithukile Izwe lethu nezikhungo eziqeqesha intsha kwezemfundo. . Engingakusho ukuthi asibhikishele uhulumeni wethu ayeke ukusidelela nokuzitshela ukuthi bahola izilwane njengoba behola thina. Mina sengikhathele yi-ANC. Uhulumeni wethu usiphathisa okweziqhaza.
Zolo lokhu ububhala emaphephandabeni ugxeka uKhathide Ngobe uthi akakhishwe kuSgiya Ngengoma ngoba ubengaboni ngaso linye noMthandeni, kepha uthi awuchemile.
Zolo lokhu uZahara ukhiphe i-albhamu yesithupha esihloko sithi Inqaba Yami. Uthe akasilo uvanzi futhi ukhonze ukuzihlalela kwakhe azijabulise. "Wake wangibona ngiku-red carpet emicimbini? Awusoze! Ngiya kuphela uma ngiqokiwe."
Zombili izibhamu ezishaqwe ngamaphoyisa, ngesikhathi kuboshwa umsolwa wesibili, zizoyohlolwa ukuthi azikaze yini zisetshenziswe kwezinye izehlakalo zobugebengu.
Zombili izimbangi zisidinga ngendlela engachazeki isicoco sakule sizini. UMiddendorp usizwa ngendaba kusukela afika kuleli eminyakeni engu-16 edlule.
Zombili izimboni zibalulekile ekusimamiseni umnotho. Isinqumo sikahulumeni sihlanganisa nosomabhizinisi abenza imisebenzi yezobuciko nezokulungisa oku­phuthumayo. Abamapayipi nogesi nabo bavunyelwe ukubuyela emsebenzini.
Zombili izimoto bezilimele ziphelile kule ngozi enyantisayo.
Zombili izimoto, okuyiStarlet neRumion zenzeke ngenxa yobudlelwano iToyota enabo neSuzuki. IStartet isuselwe kwiSuzuki Baleno kuthi iRumion kwi-Ertiga. Kukhona neSuzuki Vitara Brezza ezale iToyota Urban Cruiser.
Zombili izinhlangano bezibize isithangami sabezindaba izolo eCoastlands, eThekwini.
Zombili izinhlangano zigxeka ukushiywa ngaphandle kwezitshudeni ezithathwa njengeziphuma emindenini engcono ohlelweni lokunikezwa ama-laptop.
Zombili izinhlangothi zanikwa ithuba lokuthula ubufakazi, kwabizwa nofakazi. Ikomiti liphakamise ukuthi kumele ezinyangeni ezintathu kube nomgomo wezokuhlukumeza ngokocansi, kuqeqeshwe zonke izimenenja nabasebenzi ngalo mgomo ezweni lonke. Kumele kubhekwane nezinto ezivele ngesikhathi kunesigcawu ngezinto ezithinta ukuqasha. Ikomiti lithole ukuthi abukho ubufakazi obuthinta ukuhlukumeza ngokocansi, udaba lwavalwa kanjalo, kusho uKodwa.
Zombili izinhlobo zidunyiswa ngebhathini, LED-headlamps namaDaytime Running Lights (DRL), LED foglamps, izibuko ezishisayo emaceleni, iyazishaya ama-wiper uma lina, dual-zone climate control nokunye.
“Zombili izisulu ziphume zingenamyocu njengoba umsolwa egcine ngokuzisikaza ngesagila.
Zombili kodwa zithule ngaphakathi umsindo ziwubanga uma unyathela ngamandla futhi endaweni enyukelayo.
Zombili lezi meya beziyingxenye yabebezobhonga emswaneni izolo.
Zombili lezi zigameko zishiye umphakathi uthuthumele, uhlalele ovalweni, njengoba unxenxe uCele ukuba awakhele isiteshi samaphoyisa futhi andise isibalo salawo aqapha ubugebengu emphakathini.
Zombili lezi zimoto zinenjini efanayo engu-4.0 litre twin-turbo engu-V8 futhi zisebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed.
Zombili lezi zinhlelo zikhonjiswa ngo-6.30 ntambama.
Zombili lezi zinombolo zikhombisa ukuthi wazalwa ngo-1946 kodwa azifani izinyanga azalwa ngazo.
Zombili lezi zintokazi zakwaMpanza ezingahlobene zinezingane.
Zombili zifika newarranty nemaintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.
Zombili zingu-1.8 litre. Ekaphethroli wodwa inamandla angu-103kW ne-torque engu-173Nm. Isebenzisa u-gearbox ozishintshayo oyiCVT “onamagiya” ayisikhombisa aya phambili.
“Zona izijumbane ezazikade zithenjiswe abantu zibhajwe kuphi?” kubuza uTwala.
“Zona izinkinga zikhona kodwa lokhu bengukungubamba inkunzi. Asazi noma ubezama ukubaleka yini ngoba bekubonakala sengathi ubebafulathele abamenzakalisile. Sizamile ukumphuthumisa esibhedlela washona efika khona,” kusho uNkk Xaba.
Zona lezi zinhlangano zaveza ukuthi uma kugcina ngokuthi uCassper akayitholi imali yoxhaso kuMasipala ngeke baze bawufune u-30%.
Zona zishintshile impela izikhathi. Baningi kakhulu abantu abashadile namhlanje abahlangana ezinkundleni zokuxhumana nakuyo i-internet. Ungazivaleli ngaphandle nawe uze uphuthelwe umuntu ongakuthanda. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi akusiye wonke umuntu okulezi zinkundla ongamethemba. Zama ukuthola lonke ulwazi ngomuntu ngaphambi kokuthi nihlangane. Okubalulekile wukuthi uma nihlangana okokuqala nihlangane lapho kukhona abantu abaningi.
“Zona zizodwa angicabangi ukuthi zingabuyisa uzinzo eqenjni. Uma ubheka i-ANC isenhlanhleni ngoba amaqembu aphikisayo awaqinile kakhulu ukumisa kabi i-ANC,” kusho uMngomezulu.
@Zone6Venue stake acquisition , an opportunity to further contribute to the culture.
Zonke izibhamu ezithathiwe zizohlolwa kubhekwe ukuthi azikaze zisetshenziswe yini kwamanye amacala obugebengu.
Zonke izibhamu ezizoqoqwa zizohlolwa ukuthi azikaze zisetshenziswe ezenzweni zobugebengu ngaphambi kokuthi zicekelwe phansi.
“Zonke izicelo kumele zibe namagama angempela hhayi izidlaliso. Zonke futhi kumele zibe-online. Ihhovisi lomcwaningi mabhuku lithe kumele sigcizelele ukuthi bonke abafaka izicelo basemabhukwini amahle ngokwentela. Amaciko okumele afake izicelo ahlanganisa abadansi, izimbongi, abalingisi, abaculi, onjiniyela bemisindo, abadidiyeli, abadwebi, stage manager, abathwebuli, abenza imisebenzi yezandla nabanye.”
“Zonke izicelo ziyasukunyelwa futhi ziyaphendulwa,” kusho uThejane.
zonke izicoco eNingizimu Afrika kodwa uthe
“Zonke izifo zengqondo zidinga isikhathi esanele sokuthi umuntu elulekwe ngokwanele ngokomqondo ngaphambi kokuthi kufikwe kwezinye izigaba zokwelashwa. Into ebaluleke kakhulu nesiyiqikelelayo wukuthi umndeni ufundiswe ngohlobo lwesifo umuntu abhekene naso nendlela zokuphila naye.
ZONKE izifunda KwaZulu-Natal zizongena esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe uma zilandele imigomo.
“Zonke izifundo zethu kusukela kwezakwaGrade R kuya kwaGrade 12 sizifakile kwiKZN Funda portal. Siyacela abazali basilekelele noma ngabe abafundi bakwaGrade 12 bayafunda noma besemaholidini. Namanje sithi bonke abafundi akufanele basalele ezifundweni zabo abasebenzise ama-app ethu ukuqhuba izifundo zabo. Esikucela kakhulu wukuthi abazali basilekelele kakhulu bafundise izingane njengoba zisemakhaya zonke izifundo zikhona kuma-portal ethu,” kusho uMshengu.
“Zonke izihambeli zethu ziqinisekisile ukuthi zizobe zikhona. Silindele ukuthi wonke umuntu ozobe ekhona aziphathe ngendlela. Uma kungenjalo sobe sesilandela imithetho yokuletha uzinzo,” kusho uNksz Modise.
“Zonke izikhalo ngomkhakha wezokuvakasha ziza kimi. Ngicela abanikazi bezindawo zokuvakasha bangabavumeli abantu abangazifakile izifonyo, abangafuni nokuqhelelana nokugeza izandla, babaxoshe.
“Zonke izikhungo esifundazweni bezivuliwe, awukho umbiko esiwutholile wokuthi kukhona ezivaliwe,” kuchaza uMnuz Ngwira
“Zonke izikhungo zisiqale kahle isigaba sesibili sokusabalaliswa komgomo. Sifisa ukuthi kuthi kushaya u-Agasti sibe sesinezikhungo ezingu-3 300.
Zonke izikole ezigqekeziwe eThekwini kuvele ukuthi azihlomulanga ohlelweni olusanda kwethulwa uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu lwamavolontiya azoqapha ezikoleni.
“Zonke izikole zalapha ziyawenza lo mkhuba manje siyabuka ukuthi lezi zingane ezingahlakaniphile zona kuthiwa azifunde kuphi.Yebo kugcwele kodwa isikhala salezi zingane sikhona ngoba uthishanhloko wathi azize. Izingane zithoswa yilanga ngaphandle kwesango zilindile, asisakwazi ukuyofuna kwezinye izikole ngoba sesithenge nomfaniswano. Okubi ukuthi abanye othisha sebekhuluma amagama ayiziswana ezinganeni. Sebefaka ipolitiki kanti asingene lapho silwela imfundo yezingane zethu ngoba sikholwa ukuthi kumele zifunde lapho zihlala khona,” usho kanje
Zonke izimayini uthe kuzomele kube yimpoqo kuzona ukuphepha kwabasebenzi, ezizohluleka ukwenza lokho zizobhekana nomthetho.
Zonke izimoto ezebiwe ngamaveni amhlophe,” kusho yena.
zonke izimpahla zakhe kubo kanti isihlobo sakhe sizobiza amaphoyisa siwazisa ngokuzama kwakhe ukubaleka endaweni.
ZONKE izimvumo zokushayela ezidlulelwe yisikhathi kusukela kuMashi 26 kuze kushaye, okubandakanya noMeyi 31, zizobe zamukelwa njengezisemthethweni kuze kuphele izinsuku ezingu-90 kusukela ngoJuni 1.
“Zonke izindawo ezidayisa utshwala engibala kuzo amathaveni, amashibhini namaShisanyama, zivaliwe. Kulokhu ngeke utshwala budayiswe kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-6, lokhu kuzokwenza umsebenzi wethu ube lula,” kusho uCele.
“Zonke izindawo zethu eziheha izivakashi ziphephe kakhulu. Ababhekelele izivakashi bakhona emabhishi kanti baphinde babekhona nasemalokishini nasezindweni zasemakhaya ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zithola ukunakekeleka,” kusho uZikalala.