input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
ZIYANDA izinhlangano ezifaka uMnyango weMfundo eyisiSekelo enkantolo ngodaba lokubhalwa kabusha kwamaphepha aputshukile kamatric njengoba ne-AfriForum izoya enkantolo kusasa. |
ZIYANDA izinhlangano ezihlela ukuphonsela inselelo isinqumo sekhomishini eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), sokuvula elinye ithuba lokuthi kufakwe amagama abantu abazongenela ukhetho. |
ZIYANDA izinkinga ezikhungethe uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize. |
ZIYANDA izinkinga zabantu baseNingizimu Afrika njengoba ukunqamuka kukagesi kuqeda namanzi athunyelwa emakhaya nasemafemini. |
ZIYANDA izinkinga zeChippa United osekuvele ukuthi izobanjelwa imali kwisibonelelo esitholwa nyanga zonke ngamaqembu adlala kwiDStv Premiership. |
ZIYANDA izinkinga zeSouth African Post Office (SAPO) njengoba uMcwaningi Mabhuku Jikelele uNksz Tsakani Maluleke ethole ukuthi alinayo imali. |
“Ziyanda kakhulu izingane ezicelayo ngesikhathi sikaKhisimusi. Laba abenza lo msebenzi basuke befuna ukuthola imali ezivakashini,” kusho u-Elson. |
“Ziyangijabulisa izindaba engizizwa namuhla ngoba kuningi ebesinesifiso sokwabelana ngakho nabantu bakuleli. |
“Ziyangijabulisa lezi zindaba njengoba ngikholwa wukuthi zizoshintsha okuningi endimeni yokulingisa nakubalingisi ikakhulukazi base-Afrika. Lena yifilimu yokuqala yase-Afrika ukukhonjiswa kulesi siteshi nokuyinto esho lukhulu kimina,” kuchaza uPearl. |
Ziya ngokwanda izinhlelo ezivumbulula abasiki bengqephu njengoba neSABC 1 inolwayo iRaw Silk eyethulwa nguPearl Modiadie. |
ZIYAPHELA izinsuku zobumpohlo kumlingisi weSibaya uNhlanhla Mdlalose ozoshadelwa yisipawupete sakhe seminyaka. |
ZIYAQALA kusasa izinyembezi kwi-Euro 2020 njengoba lo mqhudelwano usungena esigabeni somkhumulajezi, i-last 16 lapho iphutha elincane osekuyilona kanye elikufaka endizeni ebheke ekhaya. |
ZIYAQHUBEKA izigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane yize kunomkhankaso oqhubekayo wokulwa nalesi sihlava. |
“Ziyaqhubeka izingxoxo eziphakathi kwabaphathi benyuvesi nomkhandlu omele izitshudeni. Ukubhalisa kuqhubekile kuzona zonke izikhungo ngoLwesibili,” kusho i-UKZN. |
ZIYAQHUBEKA izingxoxo phakathi kweMamelodi Sundowns namaqembu afuna umdlali wayo, uPercy Tau, oshaye umduvo wangalubhada ekhempini yokulungiselela isizini entsha, ekhala ngokuthi iqembu limvimbela ukuyodlala phesheya kwezilwandle. |
ZIYAQHUBEKA izingxoxo phakathi kwePremier Soccer League (PSL) nohulumeni mayelana nokuvulela abalandeli bebhola enkundleni iMoses Mabhida Stadium, ngosuku lowamanqamu eMTN8 okungu-Okthoba 30. |
“Ziyaqhubeka izingxoxo zokudedela abanye abadlali ababili noma ngaphezulu,” kuqhuba iChiefs kwi-website yayo. |
ZIYAQHUBEKA izingxoxo zokuthi amabhanoyi akwaMango aqhubeke nokundiza yize iSouth African Airways Technical isabise ngokumisa ukuhlola la mabhanoyi ngenxa yesikweletu. |
ZIYAQHUBEKA izinkinga nakulo nyaka esikoleni samabanga aphansi eMariannhill, eThekwini, okwamiswa kuso uthishanhloko, izolo othisha abaphindele emakhaya kuvalwe amasango. |
Ziyaqhubeka nokukhula izinkinga kwiChiefs, esendaweni engajwayelekile kwi-log, ikakhulukazi njengoba izovakashela eCameroon iyodlala kwiCAF Champions League lingakapheli isonto. |
ZIYAQHUBEKA nokumhambela kahle izinto uDJ wakuleli oqale unyaka ngokushadelwa njengoba ngoLwesithathu ebusuku ememezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uzoba nguDJ wokuqala ukuhlala aphinde adlale endaweni yobumnandi, enkulu esanda kuvulwa eSpain. |
ZIYAQHUBEKA nokwenyuka izibalo zothisha nabafundi abahaqeke ngegciwane leCovid-19 ezikoleni zaKwaZulu-Natal, njengoba isibalo sesenyuke safinyelela kwabangu-74. |
ZIYAQINA izingxoxo phakathi kweMamelodi Sundowns no-Andile Jali ongenalo iqembu okwamanje. |
ZIYAQINA izinsolo ngokuvuka kweMoroka Swallows, okuvela ukuthi abaphathi bayo bahlela ukuthenga iMaccabi FC edlala kwiNational First Division (NFD). |
ZIYAQINA izinsolo zokuthi isilomo somsakazi woKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe, sizoncishiselwa izinhlelo kuKhozi FM. |
Ziyaqina izinsolo zokuthi leli qembu elalaziwa ngePretoria City eminyakeni edlule, lisendalini. Nokho izikhulu zalo, uKhulu Sibiya ongusihlalo noStanley Matthews oyisikhulu esiphezulu, bayakuphika lokhu. |
ZIYAQINA izinsolo zokuthi uBaxter kungenzeka aphinde aqubuke eNaturena ihlandla lesibili. |
ZIYAQINA izinsolo zokuthi uRoberto Mancini, kungaba nguyena iSafa ezophephela kuyena ngemuva kokuchayiswa abaqeqeshi ababili ebinethemba lokuthi omunye wabo uzoqeqesha iBafana Bafana. |
Ziyaqina izinsolo zokuthi uZekhethelo Shozi, ozibiza ngoMissShozi kwi-Instagram nonabalandeli abangu-139 000, angase abeyingxenye yalolu hlelo oluzobuya ekuqaleni konyaka ozayo. |
ZIYAQONGA izibalo zabahaqwa yiCovid-19 kuleli njengoba kuvele ukuthi ngosuku bangu-4 236 abangenwe yileli gciwane. |
ZIYAQONGA izinkinga enkampanini kagesi i-Eskom njengoba imemezele ukuthi izonqamula ugesi ngokwesigaba sesine kuze kube kusasa. |
ZIYAQONGA izinkinga ezibhekene ne-ANC njengoba izolo ebusuku uNobhala jikelele uMnuz Ace Magashule eshenxise uMengameli Cyril Ramaphosa. |
ZIYAQONGA izinkinga ezihambisana nezikweleti kwiNFP, okubukeka zingase ziphazamise leli qembu ezinhlelweni zokungenela ukhetho. |
ZIYAQONGA izinkinga kumrepha wakuleli obalwa nabaphambili e-Africa, u-AKA, njengoba zilokhu zingene njalo izinsolo ezingezinhle ngaye ezinkundleni zokuxhamana selokhe kwafihlwa ingoduso yakhe, u-Anele “Nelli” Tembe. |
ZIYAQONGA izinkinga kwi-ANC ngemuva kokuvela kwezinsolo zokudlwengula ezibhekiswe kwibamba lomkhulumeli wenhlangano, uMnuz Zizi Kodwa. |
ZIYAQONGA izinkinga kwiBloemfontein Celtic okuvela ukuthi ishiywa yinqwaba yabadlali ngenxa yokungaholi nokungafezwa kwezethembiso zamabhonasi. |
ZIYAQONGA izinkinga kwiNFP emuva kokuthi isigungu sikazwelonke sesikhashana seqembu sesithathe isinqumo sokuthi sikhombe indlela uSihlalo wenhlangano KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa. |
Ziyashuba izinhlelo zabakuleli abangahambisani nokuthi uMiss SA osanda kuqokwa, uLalela Mswane, ukuthi ayomela elakuleli kuMiss Universe kwa-Israel. |
ZIYASICHITHA isiphakamiso sokudilizwa kwabasebenzi abawu-4 700 eSouth African Airways izinyunyana ezimbili okuyiNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) neSouth African Cabin Crew Association (Sacca). |
“Ziyasijabulisa lezi zindaba ngoba kusho ukuhlengwa kwemisebenzi ewu-143 ebizophela ukuba ayingenanga le mali. Okusithokozisayo wukuthi abafake imali bafuna ukwandisa imali abayitshalayo eZimbali okusho ukuthi kuzokwanda amathuba omsebenzi. Lokhu kuzovuselela umkhakha wezokuvakasha okhahlanyezwe yiCovid-19,” kusho uPillay. |
“Ziyasishaqisa ezinye izinto ezivela kwikhomishini kaZondo. Sizobhekana nabathintekayo uma sesithole umbiko.” |
Ziyavela izinkulumo ezithi isimo asisihle ngaphakathi kwiDA njengoba kukhona abamfuna ephumile uMaimane. |
ZIYAVEVA iziguli ezilanda imishanguzo emtholampilo iVusithemba, ongaphakathi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlaza, ezifice amafayela azo esaphazeke phansi emnyango. |
ZIYAVEVA izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngesekhula yoMnyango wezeMfundo evimbela izikole ukuthi ziqashe othisha ngonyaka ozayo. |
ZIYAVEVA izitshudeni zasesikhungweni semfundo ephakeme, i-University of KwaZulu-Natal, ophikweni lwayo oluseMgungungundlovu, zikhala ngezikubize ngonya kwiziphathimandla zenyuvesi, esinye isitshudeni sishonela endaweni okuhlala kuyo izitshudeni esemagcekeni enyuvesi. |
ZIYAWUSHAYA kuMusa Mseleku nonkosikazi wakhe wokuqala uBusisiwe odume ngelikaMaCele. |
Ziyaye zibheke lapho zingagawula khona zithathe abasakazi ezicabanga ukuthi baseqophelweni eliphezulu ukuze zizoqinisa amathimba azo. |
- Ziyayithatha imoto nakuma-parking, imvama ngemuva kokukulandela |
Ziye ekhefini iBafana ihamba phambili ngegoli |
Ziye ekhefini ihamba phambili iSundowns, futhi kuyifanele kwazise udonga lweChiefs beludunyelwa ukube u-Anele Ngcongca noSirino bathathe izinqumo ezinhle kwi-18 yeChiefs bezizoshintsha mhlawumbe ihamba phambili ngamabili noma ngamathathu iSundowns. |
Ziye ekhefini izivakashi zihamba phambili ngo 2-0. Izinguquko zikaKerr zimenzele phansi, kwazise phakathi kwabadlali abafakile kuvele no-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana noLehlogonolo Maselesa. |
Ziye ekhefini kuyilo iqembu laseMzansi elihamba phambili ngamaphuzu agalelwe nguBosch. |
Ziye ekhefini lilodwa qhwaba ithuba elibe ingozi kuwona womabili amaqembu. |
“Ziyehla izigaba zikathaqa, isimo siya ngokuya sibuyela kwesejwayelekile kodwa uhulumeni akayishintshi indlela athi asilayishe ngayo abagibeli abawu-10. Siyanikela ngalesi sibalo ekubeni ziphezulu izindleko zokugcina itekisi lisesimeni esikulungele ukuba semgwaqweni. Okwamanje ngeke sithwese abagibeli icala ngokuthi sinyuse imali yokugibela kodwa singangawuhloniphi noma yinini umthetho othi asilayishe abagibeli abawu-10, sivele silayishe abawu-15 etekisini ngoba vele izimvume zokusebenza zethu zisho njalo,” kusho uMaphumulo. |
“Ziyehluka izinkinga ezixaka izingane, yingakho siyaye siqinisekise ukuthi siyazelapha ngokomphefumulo kuqala ukuze sikwazi ukunqanda izinkinga ezisuke zizikhungethe,” kusho uNkk Mkhize. |
Ziye kulo mdlalo, abaqeqeshi bobabili uKaitano Tembo opheka Amatsatsantsa A Pitori, noMcCarthy befuna ukubeka umdlalo wokunqoba lesi sicoco bengabadlali, bephinde basinqobe sebengabaqeqeshi. UTembo unqobe lesi sicoco ngo-2004 sisabizwa nge-SAA Supa 8, kanti uMcCarthy usidle ngo-2011 esagijima kwi-Orlando Pirates. UMcCarthy uthe uyazwelana kakhulu noTembo. |
Ziye kulo mdlalo iSuperSport kuyiyona ebithwelwe ngeqoma ngenxa yokuthi iyona kadeni ebivikela lesi sicoco eyayisinqobe ishaya iCity ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi enkundleni efanayo. |
Ziye kulo mdlalo kungaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngenxa yebhola elihle elidlalwa yila maqembu. |
Ziyethusa izinto ebezikhishwa emlonyeni wumuntu omncane obeshada. Usekhombisile ukuthi akaphusile ngomqondo futhi uyahlambalaza. |
“Ziyethusa izinto esizibonayo. Sifuna ukwazisa abantu bakuleli nabaKwaZulu-Natal ukuthi sizoqinisekisa ukuthi bazobhekana nomthetho labo abangayilandeli imigomo yokuvalwa kwezwe eyabekwa ngumengameli Cyril Rampahosa. Umengameli uzimisele ngokuvikela abantu bakuleli kwiCoronavirus. |
“Ziyeza izikhathi zokuthi sitshelane esifuna ukutshelana kona. Kodwa ngoba lana size ngokuzokweseka uZuma, ngicela senze lokho esizokwenza.” |
Ziye zatholakala ehlathini eliKwaMbonambi zimile kodwa engekho ozelusile. |
ZIYIHAMBELA kahle izinto iTS Galaxy eshaye iCNaPS Sport yaseMadagascar ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Confederations Cup izolo eMbombela Stadium. |
ZIYIKHALELE indoda (36) esolwa ngokuqoba umshana wayo oneminyaka eyisishiyagalombili yamfaka emathoyilethi amabili ahlukene eBaldaskraal eDriefontein. |
ZIYIKHALELE indodana esolwa ngokudubula uyise kade ezama ukuyishaya eyiphuca isibhamu sakhe esisemthethweni okuthiwa besintshontshwe umsolwa eNkanini eMuden, ngaphandle kwaseGreytown. |
ZIYIKHALELE inkosi yaseMatimatolo okuthiwa idlonye utshwala, yakhomba amalungu omphakathi ngesibhamu phakathi enkantolo yesizwe kule ndawo kunembizo ebibizwe yiyona ngoLwesibili. |
ZIYIKHALELE intokazi ekhwele yadilika esikhulwini se-ANC KwaZulu-Natal esiphinde sibe yilungu lesiShayamthetho uMnuz Jomo Sibiya, isisola ngokuphika ingane yaso. |
ZIYIKHALELE inyanga eyenge abesifazane ababili ngokuthi izobageza amabhadi kanti ihlela 'ukubadlwengula' emzini wayo oseClermont, eThekwini. |
ZIYIME emthumeni emaqenjini ezepolitiki aphezu kwezingxoxo zokubambisana komasipala abakhulu bakuleli okungekho kubo iqembu elinqobe ngamalengiso. |
“Ziyimfihlo futhi ziyahlonishwa, awuzigqamisi ngazo. Nani njengephephandaba nenza iphutha nje ngokushicilela izithombe ezingiveza ngelapha uMshoza. Niphazamisa umsebenzi wami. |
Ziyisikhombisa izifunda ezithole kusuka ku-80% kuya phezulu kwathi ezingu-5 zathola kusuka ku-77% zaya ku-79%. |
Ziyisikhombisa izinguquko ezenziwe umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas, esikimini awine ngaso kwiCape Town City emdlalweni owandulela owayizolo. USolinas, ofike kuleli ezoqeqesha iFree State, ubebhekene no-Eymael obethishwe ukuthi kube uyena obezohlala esihlalweni sobukhosi kuMakhosi. |
Ziyisi-shiyagalolunye izindawo ezisebenzisa amakhaza asePark Rynie ngokusho komsebenzi, okuwuMzinto, Scottsburgh, Sawoti, Kingsway, Dududu, Umkhomazi, Folweni, KwaMakhutha naseMbumbulu. Uthe izindawo ezandise isibalo nguMlaza, Isipingo, Amanzimtoti neNgonyameni. |
Ziyisishiyagalolunye ngu-9 izikole okuthiwa ngezodaka kulesi sifundazwe. UMshengu uthe odabeni lwezikole zodaka ezintathu ziyakhiwa, ezimbili kukhishwe ithenda, kuthi ezine kunohlelo lwazo lokuthi bazidwebe. |
Ziyisithupha izidumbu ebezisatholakele ngesikhathi siloba kanti amaphoyisa abekanisile endaweni ephenya. UCele uncome amaphoyisa wathi asebenze kanzima ukubopha abalisa ababaili futhi uthandazela ukuthi kube nobufakazi obuzobavalela. |
Ziyisithupha izindawo zaKwaZulu-Natal ezingene kwezingu-30 ezweni eziphezulu ngamacala okubulala okunguMlaza, Nanda, KwaMashu, Plessislear eMgungundlovu, Mariannhill neMpumalanga eHammarsdale. INanda iphambili ezweni lonke emacaleni okudlwengula ilandelwe uMlaza. |
ZIYOFUNDELA ubudokotela izitshudeni eziyisishiyagalombili eziphase ngamalengiso ezikoleni zaseMtubatuba. |
ZIYOKHOHLWA zifile izingane ezimbili ebezisemotweni ngesikhathi abazali bazo beqothwa ngenhlamvu eMaswazini ngaphandle kwaseMgungundlovu, ngoMgqibelo ntambama. |
“Ziyotholana phezulu izingqungqulu ngoba sibophele kakhulu. IMalini izosivulela ngomkhuleko bese kuyaqhutshekwa. Ngikhona nami noCharacter sizonandisa ngendlela yethu nesithemba ukuthi abantu bazoyijabulela. Abaculi abaningi bazobe becula bukhoma namabhendi,” kusho uProfessor. |
Zize zagcina sezilitholile igoli lokubika izivakashi ngomzuzu ka-90 ngesikhathi uMvula ethola ibhola engamakiwe ebhokisini, walivalela enethini, umdlalo waphela ngo 2-1. |
Zize zaya ekhefini iSundowns ingakhombisi ukuthi iyabona ukuthi isenkingeni uma umdlalo uqhubeka ngendlela obuqhubeka ngayo. |
zize zivuke zingcolile sengathi bezizitika ngempela. |
ZIZICELELE ikhefu izikhulu ze-ANC ezisolwa emacaleni ocansi njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa emuva kokuvulwa kwamacala. |
Zizitike ngezoso neziphuzo zibuka ibhola kubhazabhaza wethelevishini egxunyekwe kule ndawo. Ngaphandle kwalokhu, ithimba lezokukhangisa kuleli phephandaba, ebeliholwa nguNoluthando Ngubane, liphinde labagixabeza ngezipho ezehlukene. |
Zizobe zingekho izihlwele enkundleni kulo mqhudelwano wokuqala oseDubai, kodwa zizovunyelwa ukuthi zihambele owesibili edolobheni elifanayo ngempelasonto ezayo. |
ZIZOBE ziqinile ezokuphepha eParktown eGoli lapho kuqhubeka khona iKhomishini kaZondo ephenya ngezinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana njengoba lowo owayenguMengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi avele khona kuleli sonto. |
ZIZOBE ziqinile ezokuphepha namuhla eCity Hall, eThekwini njengoba kulindeleke ukuthi kushone ilanga isigaxiwe iketango yagcotshwa imeya entsha njengoba ixoshiwe ebiphethe. |
ZIZOBE ziqinisiwe ezokuphepha kwinkundla yezemidlalo iMoses Mabhisa eThekwini emdlalweni wezimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs, kusasa. |
ZIZOBE zithe chithi saka izivimbamgwaqo okuzohlolwa khona imininingwane yabashayeli bamaloli futhi kuvundululwe nalabo abangabokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe seNingizimu Afrika. |
ZIZODLA emaphaketheni amaqembu ePremier Soccer League (PSL) izindleko zokuhlala emgonqweni okuhloswe ngawo ukuvikela ukusabalala kwegciwane iCorona. |
Zizodlala nePlatinum FC yaseZimbabwe, e-Orlando ngoMashi 3.Umzuliswano wokuqala walo mdlalo ekuhambeni waphela ngo 0-0. NgoMashi 16 zizovakashela iHoroya eGuinea ezayishaya ngo 3-0. Umdlalo wazo wokuqala ne-Esperance eSoweto waphela ngo 0-0. |
Zizodlala umdlalo wazo ka-13 ngoDisemba 4 neStellenbosch, eDanie Craven, eStellenbosch. |
ZIZODLANA imilala engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha kwi-EFF KwaZulu-Natal eMgungundlovu kule mpelasonto kusuka ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto. |
ZIZODUDULANA izinkunzi okukade kwasa zithibelene phakathi kowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nohlangothi lombuso oluzompheka ngebhodwe elincane njengoba kuzoqulwa icala lenkohlakalo. |
ZIZOFAKA isicelo sebheyili izithandani zaseNkululekweni, e-Eastern Cape, eziboshelwe ukuphoqa umfana oneminyaka ewu-12 ukuthi adle indle yakhe ngempelasonto. |
ZIZOFAKWA eNedbank nakwaBoxer izicelo zokuxhaswa kwezipaza namanye amabhizinisi amancane okuzokhishwa wuMnyango wamaBhizinisi amaNcane. |
ZIZOFUNDA zifake izifonyo izitshudeni zeBiomedical ezibuyele eMangosuthu University of Technology, izolo. |
ZIZOHLAWULISWA uR1 million noma u-10% wenzuzo eziyenzayo izinkampani ezinyusa intengo yokudla nemikhiqizo ehlukene njengoba izwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 kusukela kusasa. |
ZIZOHLEKA zodwa izinduna ngemuva kokumenyezelwa kokuthi zizonyuselwa iholo. |
ZIZOHLEKA zodwa izitshudeni zasemanyuvesi nasemakolishi ezizothola uR2 900 wokuzibheka, izinyanga ezingu-10 ngonyaka. |