input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
“Zingqongqoze ngesankahlu okuthe uma ngibuza, kwaphendula omunye kubona othe bangamaphoyisa. Ngesikhathi ngilunguza, ngibone amadoda amathathu abegqoke umfaniswano wamaphoyisa, ngavula. Ngisolile ukuthi akusiwo amaphoyisa ngesikhathi ngibona begqoke umfaniswano ongaphelele, omunye ubezigqokele izimbadada phansi omunye egqoke amateku,” kusho leli lungu. |
“Zingu-1 104 izikole esezinamanzi kwezingu-1 228. Ezisele ezingu-157, zizofakelwa amanzi eminyakeni ezayo. Sekuphothuliwe ukufakwa kukagesi ezikoleni ezingu-373, safaka izindlu zangasese kwezingu-748. Kusele ezingu-2 102 ezidinga izindlu zangasese, esilindele ukuthi umsebenzi wokwenza lokhu uphele eminyakeni emibili ezayo,” kusho uDkt Mhaule. |
Zingu-116 izikole zesifundazwe ezizohlomula, okubalwa abafundi abenza uGrade 11 no-matric. |
Zingu-119 iziguli ezilaliswe emagunjini abadinga ukunakekelwa okuphuthumayo ezibhedlela ezizimele, kwezikahulumeni ezikula magumbi zingu-11. Siyajabula ukuthi izibalo zabahaqekile ziyehla nsuku zonke. Phambilini besifika kulezi zithangami sishaywa uvalo ngoba izinombolo bezilokhu zikhula kakhulu. Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi uyedwa umuntu obulewe yileli gciwane kulesi sifundazwe, kushouZikalala. |
Zingu-12 iziteshi zamaphoyisa zaKwaZulu-Natal kwezingu-30 ezweni lonke okubikwe kuzona amacala amaningi okwebiwa kwemfuyo. |
“Zingu-13 iziqephu ezizobonakala zalo mdlalo. Isigaba sokuqala sika-2020 sizoba ngesikhulu kakhulu esiteshini sakwaBET Africa njengoba sizobe siqale neminye esisayipheka okwamanje,” kusho uMonde. |
Zingu-140 sezizonke izingane ezizalwe ngosuku lokuqala ku-2021 ngokwembiko yomnyango wezempilo esifundazweni. Zingu-77 izingane zabafana ezizalwe ngalolu suku. Angu-63 amantombazane esewonke. |
Zingu-144 izikole ezacekelwa phansi esifundazweni. Ezingu-82 ezamabanga aphansi kuthi ezingu-62 kube ezamabanga aphezulu. |
Zingu-15 izikole okuphase kuzo bonke abafundi ezinabafundi abangaphansi kwabahlanu ababhale izivivinyo zabo, kanti isifunda saseMzinyathi yisona kuphela esibe nesikole okuvalwe kuso ngehlahla kwangababikho umfundi ophumelelile. |
Zingu-170 000 iziboshwa ezizovota, kutshalwe amaphoyisa angu-51 306. |
Zingu-1 763 izikhungo zokubhalela kanti angu- 112 amaphepha azobhalwa ezikhungweni ezingu- 61. |
ZINGU-213 izinkampani ezisebenza ngemali esezivaliwe ukuthi zibambe ama-debit order, emuva kokuyalelwa ngabeBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB). |
Zingu-22 924 izikhungo zokuvota kuzwelonke, bangu-26.7 million abantu ababhalisele ukuvota. |
Zingu-23 iziboshwa ezifunda esikoleni i-Usethubeni Youth esingaphakathi kuleli jele, ebezibhala iphepha lokugcina lesiNgisi izolo. |
Zingu-25 izintokazi okulindeleke ukuthi zibange isicoco ngoDisemba. |
Zingu-27 izikhungo okuzomakelwa kuzo kusona sonke isifundazwe. |
Zingu-27 izikhungo zokumakela ezikhona esifundazweni kanti ukumakwa kwamaphepha kuzophothulwa ngoDisemba14, 2019. |
“Zingu-3 927 izithunywa ebeziyingxenye yale ngqungquthela ebezibhaliswe ngokusemthethweni,” kusho uHlabisa. |
Zingu-400 izihlalo ezibangwayo ephalamende likazwelonke futhi umbango wezihlalo usuke ushisa phansi ngoba akekho osuke efuna ukusala. Kulokhu njengoba kade kuvotwa, kuchaza ukuthi iqembu lizodinga amavoti abalelwa ku-46 000 isihlalo ngasinye. |
Zingu-42 iziboshwa ebezibhala iphepha lesiNgisi KwaZulu-Natal ezikoleni ezintathu ezingaphakathi emajele okukhona kuzona i-Ekuseni neQalakabusha okuyijele eliseMpangeni. |
Zingu-45 000 izintombi nto athe kulindeleke ukuthi zibe yingxenye yalo mkhosi oba sesigodlweni eNyokeni minyaka yonke ngoSepthemba. |
Zingu-50 izikhungo zokugomela iCovid-19 ezweni lonke. |
Zingu-8 000 izindawo ezidayisa utshwala ezinamalayisense esifundazweni. Kuxwayiswa abadayisa ngezikhathi ezingafanele ukuthi bazowukhomba onotshwala. Utshwala kumele budayiswe ngoMsombuluko kuya kuLwesine phakathi kuka-9 ekuseni no-5 ntambama. |
Zingu-800 izigameko ezibikwe ezikoleni, kuzo u95% ngabafundi. Zingu-120 izikole ezibike ngokuthelelana okwenzeke kuzo. Lokhu kuyasikhathaza kakhulu. Emahoreni angu-24 bangu-3 445 abantu okubikwe ukuthi bahaqwe yileli gciwane kulesi sifundazwe. Lokho kusho ukuthi bangu-427 908 abantu asebethole iCorona KwaZulu-Natal selokhu yaqala ukugadla nyakenye, kusho yena. |
Zingu-875 iziqu ezizothweswa eCollege of Humanities, zibe ngu-584 ezizothweswa eLaw and Management Studies, ezingu-315 zizokwethweswa eColege of Agriculture, Engineering and Science, ezingu-203 zethweswa eCollege of Health Sciences. |
“Zingu- 9000 izitshudeni ezingakabhalisi. Uma inyuvesi ithi kuyaqala ukufunda ngoMsombuluko obani abazobe besemakilasini?” kubuza uMthokozisi. |
Zinhle impela izihlalo kodwa inkinga ukuthi ziyashesha ukubamba ukungcola nokuyinkinga uma unezingane noma uhamba nenhlobo ethanda ukudla nokuphuzela phakathi emotweni. |
Zinhle Muthwa. I’m so sorry the system failed you, I’m so sorry men failed you, I’m so sorry your country failed you, I’m so Sorry Africa failed you. You deserved way better, you deserved to live, you deserved so much and I can only hope that now that you’re up you feel peace💕❤️ |
“Zinigi izinselelo ezibhekene nomkhakha wezindlu, yingakho kumele zingami izinhlelo zokuhlinzeka ngezindlu. Ngesikhathi ngingena emnyangweni, ngavakashela izifundazwe ngikhuluma nomphakathi nabaholi ngezinkinga ezikhona zezindlu.” |
-Zinike isikhathi sokuthi ushaywe umoya ungagcini usuzwela kalula uma kunezinkinga ekhaya ikakhulu eziphathelene nengane. |
- Zinikeze isikhathi esithe xaxa sokuhamba ukuze ungabi nengcindezi uma ushayela. |
“Ziningi ezinye izinhlelo engiyingxenye yazo ikakhulukazi ezithinta izingane nemvelo,” kubeka yena. |
Ziningi ezinye izivuvaba zokuhlaselwa kwabantu abadala ezenzekile kule ndawo. |
“Ziningi izibhamu ebesinazo esitezi sethu, zithengwa nguMdweshu ngemali ebesiyiqoqa kubahlali, ngikhumbula ngelinye ilanga wathi asimnike uR9 000, ayothenga iR5 entsha ephoyiseni ahlangana nalo esikhumulweni sezindiza esidala eSiphingo,” kusho ufakazi. |
Ziningi izibonelo zokusungulwa kwamakhomishini kungabi nazinyathelo ngemiphumela yophenyo. Kuphela nje kubukeka sengathi kusuke kubhubhudlwa imali. Nakuyo ikhomishini kaZondo sibone kuqashwa amabhilidi abantu okuthiwa banikela esikhwameni sikaRamaphosa, iCR17 esamsiza ukuba anqobe ukhetho lukaKhongolose ngo-2017. |
“Ziningi izidumbu ezisazophuma njengoba amaphoyisa ethi kukhona ezingakatholakali, sizwe amaphoyisa ethi amaselula abagilwa akhomba ukuthi aseJozini,” kusho leli lungu lo mphakathi. |
“Ziningi izigameko lapho amaphoyisa kamasipala ephuza khona ukuphendula. Ngizolinganisa nje ngesikhathi kushiswa izitolo edolobheni, kwathatha isikhathi ukuthi amaphoyisa afike. |
“Ziningi izigameko zobugebengu ezenzeka kule ndawo. Kuneqembu lezigebengu elihlasela imizi eyaziwayo ukuthi ihlala abesifazane nezingane kuphela, ligqekeze lishaqe impahla. Okusukumise kakhulu amalungu omphakathi, ngukudlwengula kwalo wesifazane obekuyinto ebiqala ukwenzeka, ngakho umphakathi uhlongoza ukwakha uhlaka lawo lwezokuphepha elizosebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi ubugebengu buyanqandeka,” kusho uManqele. |
Ziningi izigameko zokubulawa kwabantu ezibikiwe ezenzeke kuleli hostela kusukela ngo-2014. |
Ziningi izigameko zokudliwa ngenkani komhlaba, okubalwa esakamumva esenzeke eNew Germany Game Reserve. |
ZININGI izigigaba emlandweni womhlaba ezisikhombisa ukuthi izikhathi ezinzima njengalesi esizithola sikuso kuyenzeka ziveze ngokusobala isibindi nomoya wobumbano ezweni. |
“Ziningi izikhalo ezikhona ezinye engizidlulisele eziphathimandleni zamaphoyisa ezingeni lesifundazwe kodwa akukaze kube khona umnyakazo, ezinye izikhalo ezikhona ukungaziphathi kahle kwamaphoyisa esilisa okuthiwa ashela abezifazane, ezinye izinsolo zokuthinteka ekushushumbisweni kwezidakamizwa kwamanye amaphoyisa, nami siqu ziningi izigameko engizibikile kulesi siteshi okugcine sengiba nyamanambane, ngeke ngikufihle ukuthi angisakuthokozeli ukubika eMsunduzi,” kusho uMkhize. |
“Ziningi izikhathi lapho esiba nemihlangano khona nomuntu uma sikholwa wukuthi kukhona esingakwenza ukugwema isimo esithile ngaphambi kokuthi sibe yinhlekelele, uma kuzoba yinhlekelele. SisaneMarikana abantu abakholwa wukuthi kuningi okwakungenziwa ukugwema okwenzeka,” kusho uCele. |
“Ziningi izikhungo zikahulumeni nezizimele ezicwaninga ngaleli khambi namanye esintu. |
“Ziningi izikole ezinabantwana abaminyene emagumbini okufundela ngakho ukubona le nkinga isombululeka kungigeza igilo, nokwazi ukuthi ikusasa labantwana lizoqhakaza,” kusho uShandu. |
“Ziningi izikole ezivaliwe, iningi lazo elingeke lisaphinde livule ngenxa kathaqa. Asilutholanga uxhaso kuhulumeni kanti siyapatanisa manje sizama ukuvuka. Kudliwa izimoto esisebenza ngazo, esingakwazi ukuzikhokhela njengoba sekuvalwa nezikhungo eziningi kangaka,” kusho uZondi. |
Ziningi izimbangela zalokhu kodwa okuyiyona eseqhulwini ukuthi yena (uLebese) nomqeqeshi weSundowns, uPitso “Jingles”Mosimane bavulelene izandla ngokulihlukanisa leli findo ngoba bobabili bayavumelana ngokuthi ucu aluhlangani kumbe aluhlangananga. |
Ziningi izimboni ezingenzi kahle esikhathini samanje esinzima, yize kunjalo, uma ubheka uzobona ukuthi ezinye izimboni ziyakhula. Ezinye zezinkampani ezinkulu kunazo zonke emhlabeni zasungulwa ngesikhathi sokuntula komnotho womhlaba wonke; izinkampani ezifana ne-Google kanye ne-Facebook. Zikhuphule futhi wandise amathuba okuba yigugu emkhakhekheni okhulayo ngokuba nentshisekelo, ukuhlobana, kanye nemfundo njengomhlahlandlela wakho. |
Ziningi izindawo ezikhahlamezekile okubalwa eNewcastle, KwaMashu, Maoti, Newlands, Mgungundlovu, Msinga nakwezinye. |
“Ziningi izindawo ezikhahlanyezwe yimvula, ezinye azinawo amanzi nogesi, senza konke okusemandleni ukuletha izidingo kubantu. Amathimba ethu ayasebenza,” kusho uMayisela. |
“Ziningi izindawo ezinhle zokuvakasha emalokishini futhi ezingaheha izivakashi kodwa zisafuna ukuvakashelwa zilekelelwe, zithuthukiswe njengamabhizini ukuze zihehe imakethe efanele. Lapho kunezindawo zokulala khona kuqiniswe nezokuphepha umphakathi ukwazi nawo ukuziqhenya ngendawo ukuze nezivakashi zizizwe ziphephile,” kusho uMkhize. |
“Ziningi izindlela esingenza ngazo ukuvula isikhala. Singayibheka indaba yokunikeza uBrockie ubuzwe bakuleli ngomkakhe, osemkhakheni wezesayensi futhi kungenzeka kube wukuthi kukhona umdlali esimbolekisayo,” kusho uThuswa ngamafuphi. |
“Ziningi izindlela esiqhamuke nazo nesizizamayo ukulwa nokubanjwa ngokungemthelo kwemali yabantu. |
“Ziningi izindlela zokuxazulula udaba lokuputshuka kwamaphepha ngaphandle kokuqalisa phansi bonke abafundi. Umthetho woMnyango wezeMfundo uthi uma kwenzeke isigameko esingelona iphutha lomfundi iphepha kufanele limakwe. Ucwaningo lo mnyango kufanele lubheke ukuthi yibaphi abafundi abahlomulile. Okokuqala nje abafundi abaputshuzelwe iphepha babeyingxenye kaWhatsapp womnyango owenzelwe abafundi abenza kahle,” kusho uNksz Venter. |
“Ziningi izindlela zokuxhumana esazenzayo kubalwa nokukhangisa emisakazweni nasemaphephandabeni. Saze sahlehlisa nosuku lokuvalwa kokuphawula komphakathi ngezinyanga ezimbili ukuze sinikeze amalungu omphakathi ithuba elanele lokuphendula kulesi siphakamiso.” |
ZININGI izindlela zokuzama ukwehlisa isisindo nokudla ukudla okunomsoco kulezi zinsuku kuleli. Ezinye uzwa kukhulunywa ngazo, ubuye uzwe zingasaphathwa. |
“Ziningi izingane eziphuma emindenini entulayo ebezisizakala ngokudla lapha esikole eminyakeni ephambili, okunqanyulwe ekuqaleni konyaka. Kwathiwa abaxhasi abathe akunikwe leli kilasi kuphela,” kusho yena. |
“Ziningi izingane zabantu lapha ngaphandle ezihluphekayo, ezihlushwa yisipho. Abanye bahlushwa yisipho sokuzalwa bembethe, abanye bahlushwa yisipho sokuba nedlozi, abanye bahlushwa yisipho sokuba wumthandazi, isipho sabaphrofethi...bafika ezinyangeni, zibalahlekise. Ngiyacela bakithi yekani ukulahlekisa izingane zabantu. Uma ngabe wazi ukuthi awukwazi ukuyisiza ingane, iyeke iye ekhaya. Isipho siyazikhulumela, linda nawe, wena ophethwe yisipho. Buza abakini, buza isipho ukuthi sifunani kuwena,” kuchaza uKelly, okhulele eNquthu KwaZulu-Natal. |
“Ziningi izingoma engizimisele ukuzikhipha ngoba ngibonile ukuthi abantu bangithandile, okungijabulisa nakakhulu ukuthi nasezindaweni zobumnandi uma ngisebenza khona sengizodlala ingoma yami hhayi ezabanye. Ngibonga kakhulu kuNasty C, Rouge noKwesta engisebenze nabo,” kusho yena. |
Ziningi izingoma ezineWorst Behavior abantu abazozizwa kulo nyaka. Sizokhipha i-EP yethu enezingoma ezine noma ezinhlanu maphakathi nonyaka. Bakhona nabanye abafuna ukusebenza nathi. |
“Ziningi izingoma ezithathwa abaculi okwakukade ziculwa emphakathini. Uma leyo ngoma kungazeki ukuthi isukaphi lowo mculi osuke eseyenze yahluka eyakhe kumele ayibhalise ukuze ivikeleke. Kulolu daba kusenendida njengoba sekuqhamuke abantu abangaka kodwa siyathemba ukuthi isixazuluko sizoba khona,” kuchaza yena. |
Ziningi izingqinamba esibhekene nazo singabantu abasha, mhlawumbe ukunciphisa noma ukuyeka uphuzo kungasisiza ekuxazululeni ezinye zezinkinga zethu. Mina ngeke ngibuyeke utshwala kodwa ngizonciphisa, noma ngime kancane. Kwazisholo isidakwa. |
“Ziningi izingqinamba ezikhona ezenza abantu abamnyama bangakwazi ukungena kulo mkhakha wezamabhanoyi. Kwesinye isikhathi kuke kuphoqe ukuthi abanye bamise kancane izifundo zabo uma sebephelelwe yimali njengoba kungesibona bonke abantu abathola ithuba lokuxhaswa ngomfundaze.” |
Ziningi izingqinamba ezimlandelile ngemuva kwalokho, okwenza kwaba nzima ukuphothula iziqu. |
“Ziningi izinhlamvu ezishiywe yiSilo kodwa lukhona lolo hlamvu esizolunikwa wuNkulunkulu.... Ozolandela akaziwa yithi, waziwa wuMdali kuphela ngoba nguyena owazi izinsuku zomuntu. Nakuso iSilo ngangisho ngithi asimazi naye. Umuntu owazi iqiniso lamaqiniso nguNkulunkulu,” usho kanje. |
Ziningi izinhlelo akhulume ngazo eziseqhulwini. Ezinye zazo kube imali enguR812 million yokufakela izakhamizi ugesi. Imali enguR97 million ezobhekana nokuthuthwa kwemfucuza. Kube imali enguR120 million ebekelwe uhlelo lwamanzi nokuhlanzwa kwawo. |
“Ziningi izinhlelo zakuleli esisazozikhombisa kusona, semukela bonke ababukeli abasha abazoqala ukubona izinhlelo ku-1Magic, siyathemba ukuthi kuzoba uhambo olunemiphumela emihle,” kuchaza yena. |
“Ziningi izinhlelo zemishado kuleli kodwa sijabule kakhulu ukuba yisiteshi esizosakaza lolu hlelo. Luhluke kakhulu kulezi ezikhona manje njengoba konke kuzohlala obala kungekho okuzofihlwa.” |
Ziningi izinhlobo zomdlavuza eziyamaniswa nokuphuzwa kotshwala, kuzo kubalwa umdlavuza womlomo,owomphimbo, owesibindi, owebele neminye. |
Ziningi izinkakha ezasenza saziqhenya ngeBafana Bafana ngo-1996 njengaye uMasinga kodwa azisetshenziswa yiSafa ukuqinisekisa ukuthi ibhola lethu liyakhula. Akwanele ukuthi nguHelman “Ncane” Mkhalele kuphela okhona ezinhlakeni zeSafa njengoba eyiphini likaThabo Senong eqenjini lesizwe lika-Under 20, Amajita. |
“Ziningi izinkampani ezithole amathenda kodwa kwacaca ukuthi imali yenyuswe ngokuphindwe kaningi, ezinye zinikwe umsebenzi zingakulungele ukuwenza kodwa zakhokhelwa,’’ kuchaza uHlabisa ngesineke. |
“Ziningi izinkinga. UMonare noMotupa angazi noma bazodlala noma cha. UGoss ngeke adlale ngenxa yesigwebo kanti uBrendon (Peterson) ulimele. |
Ziningi izinongo ezenza lo mdlalo ubhekwe ngabomvu. Abaningi babheke ukuthi iSwallows okuyisizini yokuqala ibuyele esigabeni esikhulu, kungabe izokwazi ukuqeda iligi isahlulwe yiTS Galaxy kuphela? Kwi-log, ikweyesihlanu ngamaphuzu awu-43. Omunye umbuzo usekutheni kule midlalo emibili eyisalele, ingakwazi yini ukuntshontsha umcimbi, izibone seyidlala e-Afrika njengokufisa komqeqeshi wayo uBrandon Truter. |
Ziningi izinqumo zesizini entsha ezibhekwe kuBaxter okwenza uJazzman Mahlakgane, ophethe izindaba zikaNtiya-Ntiya, abuyelwe yithemba ngekusasa lomdlali wakhe kwiChiefs. |
Ziningi izinqumo zonondweba ezishiye abaningi bekhexile ngemuva kwalo mdlalo, ikakhulukazi emaphenathini okugqame kuwona unozinti weSundowns, uKennedy Mweene noweChiefs u-Itumeleng Khune ngezizathu ezahlukene. |
“Ziningi izinto abantu abazozibona ezishintshile kodwa okukhulu nakakhulu wukuthi umndeni wami, ikakhulukazi izingane zami zisondelane,” kusho uPapa Penny. |
“Ziningi izinto esifisa ukuzenza inkinga yikona ukushoda kwenkece. Okwamanje nakuba kukhulunywa ukuthi isikhungo siyaphila yingenxa yoxhaso esiluthola eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi nowezeMpilo. Siyafisa ukuthi noMnyango wezeMfundo ufake igxalaba,” kusho uShezi. |
“Ziningi izinto esisazozidingida. Udaba nje lwesithembu, abantu bazi ukuthi kumele indoda ibe nemali. Silokhu sikhohliswa kuthiwa kumnandi esithenjini. Akumnandi. Ngisazofaka nama-video sinaye uMchunu, uNgizwe sikhuluma ngezinkinga esike sahlangabezana nazo nokuthi sidlule kanjani kuzo,” kusho uLindi. |
Ziningi izinto esizenzayo zesintu sibe singaqondi ukuthi sizenzelani. Iningi lazo sizenza ngoba siye kozwa ohlanyeni kumbe esangomeni, kuthiwe asikwenze sixakekile sinezinkinga kodwa ungachazelwa, uze ukwenze. Ngizobala izinto ezinhlanu, engizobhekisa kuzona. Ukubethela, indiki, ukugeza izidalwa, ukulungisa umsamo nokwembula. |
“Ziningi izinto esizibheke ukuthi sisizane ngazo ne-Espanyol. Okokuqala nje wukuthi siqale inkulisa eNingizimu Afrika khona sizonikeza abadlali bethu ababili noma abathathu ukuthi bathole ithuba lokuyodlala phesheya. Ngaba nenhlanhla yokuthi ngibuke bukhoma umdlalo wabo neVillarreal CF. Ngigculiseke kakhulu ngengikubonile, impela bakwesinye isigaba. Siyethemba ukuthi kungekudala sizofinyelela esivumelwaneni ne-Espanyol,” usho kanje uSokhela. |
Ziningi izinto ezenza amacala engasheshi. Kwesinye isikhathi amaqembu acela ukuhlehliselwa usuku lokuza ecaleni, amanye anabantu bomthetho abafuna imininingwane engaphezulu. Kufanele ubanike yona,” kusho uKhoza.
“Ziningi izinto ezenza igciwane libhebhetheke njengokuthi nje uma sihlangene siphuza utshwala, asizifaki izifonyo ngoba enye into eqoqa abantu wutshwala. Lapho kukhona khona utshwala abantu bayagcwala bese kuqala inkathazo kube yisiphithiphithi. Uma sebehamba lapho kade behlangene khona sebedakiwe, sebengena ezimotweni zabo, abanye bagcina beshayela umathanda balimale, balimaze nabanye abantu abangenacala kube nezimo eziphuthumayo bese kudingeka odokotela bayeke iziguli zeCorona banake abantu abangene ezibhedlela ngenxa yotshwala.”
Ziningi izinto ezenze ukuthi wehle umdlandla. Singakubala nalokhu okwenzekayo eNingizimu Afrika. Kusithintile futhi kungenzeka ukuthi esinye sezizathu ezenze ukuthi sibuye sidideke enkundleni," kuqhuba uBoucher. |
“Ziningi izinto ezibe nomthelela ekutheni singabi nesizini enhle. Sizolwa nokuzilungisa. Ngicabanga ukuthi nokungabi yingxenye yamaqembu azobe egijima emiqhudelwaneni yeCAF kuzosinika ithuba lokuthi sigxile emidlalweni yasekhaya,” kusho uHunt. |
“Ziningi izinto ezidala ukuthi isifo sokuphazamiseka komqondo singelapheki kubalwa nazo izinkolelo ezikhona emphakathini zokuthi uma uphazamisekile emqondweni uthakathiwe noma usuyahlanya kanti uma kunesimo esikuphazamisayo kubalulekile ukuthi uphumele obala ukhulume ngaso ukuze welapheke. Ukuphazamiseka kwengqondo kungesinye sezifo okungamele uhlale ungaselaphi ngoba ucabanga ukuthi sizoziphelela. Ayikho inkinga ngokuveza ukuthi kunokuthile okukudlayo ngaphakathi ngoba lokho kuyakusiza ukuze usizakale. Inkinga enkulu ngezifo ezithinta ukuphazamiseka komqondo wukuthi abantu abaselaphi, abanye abafuni nokwaziwa ukuthi banenkinga. Lesi simo yisona esenze ukuthi sivule inhlangano ezofundisa iphinde yeluleke ngalesi sifo KwaZulu-Natal,” kusho uPillay. |
ZININGI izinto eziholela ekutheni umuntu abe nalesi sifo. Siphila esikhathini esinzima lapho isimo somnotho sisibi. Ukulahlekelwa umsebenzi, ukuthatha izinqumo imiphumela yazo engahambisani nezinhlelo zakho, ukulahlekelwa ilungu lomndeni noma ukuhlukumezeka thizeni, kungaba ngezinye zezinto ezibanga lesi sifo. Kuyenzeka futhi ukuthi sibe wufuzo emndenini. |
“Ziningi izinto ezilulaza isithunzi somsebenzi wethu yingakho ngibona kukuhle ukuthi nathi sibandakanywe emikhankasweni efana nale. Yize isikhathi esiningi sikhonjwa njengabantu abenza okubi ngenxa yengcosana enodlame, ngiyakholwa wukuthi likhulu iqhaza isilibambayo nathi ekuphephiseni abesifazane njengoba kuyithi abantu bokuqala abakhalela kubona uma behlangabezana nezinkinga emarenki,” kusho uDludla. |
“Ziningi izinto ezingakwenza uzithole ususenkingeni. Ibhola elitholwe uMorton ngokwami bekumele alimise bese kuba ima elishaya ngoba belishesha futhi bebebaningi abantu phambi kwakhe. Sifike nephuzu nakhu manje sihamba nalo. Ayancipha amaphuzu asele etafuleni yingakho kusemqoka ukuthi sivuke emaqandeni siwalwele ngisho ngabe asidlali kahle. |
Ziningi izinto ezingalungile ezenziwa umuntu wesifazane eziyihlazo osuke eseqiwe amankwebevu nezidicilela phansi isithunzi sakhe njengomuntu wesifazane. |
Ziningi izinto ezingezinhle ezihlala zibhalwa ezinkundleni zokuxhumana ngezingane ezizalwe ngeminyaka ka-2000. |
“Ziningi izinto ezisadinga ukulungiswa phakathi kwethu. Kukhona udaba lokuqanjwa kwesifunda se-ANC iZululand, ngoMnuz Mzala Nxumalo. Lokhu bakwenze ekubeni bazi ukuthi uNxumalo wabhala incwadi ethuka uButhelezi,” kusho yena. |
Ziningi izinto eziyizinkulumo ezingekho lapha ekwelapheni abantu abakholelwa kakhulu kuzona ngoba bengafuni ukuvuma ukuthi yibona abona umsebenzi. Okokuqala, kunabantu abaqhakambisa ukuvalwa kwethongo, omunye ithongo lathathwa. Uzwe isangoma kumbe ithwasa likhuluma lithi: sengathi ngingathatha ithongo lakhe ngisebenze ngalo. |
Ziningi izinto ezonakele emindenini, ezweni nasemhlabeni ngenxa yendaba yokungaqondi nokungalungisi esisuke sikwenzile nesikukhulumile. Umuntu unethongo ahamba nalo ethi ehamba nalo ebe futhi enganyelwe ngamathongo akhe ambhekile. |
Ziningi izintombi emnyango, baningi futhi nobhuti abangakathathi la ngaphandle ngakho-ke asikho isidingo sokuthi ufune ukuyocobhoza lapho kucobhoza khona umuntu wakwenu, igazi lakho. |
Ziningi izinto okusamele sizilungise kodwa kufanele sijabule ngoba sihlule iqembu elisatshwayo emidlalweni yeT20. Bayiqembu elinamava, bebedlalela ekhaya, banenqwaba yabadlali abadume ngokuphahlaza ibhola kalula, kusho uBoucher. |
Ziningi izinto ongakhetha kuzo ezakhiwe ngethusi. Izintambo zethusi zinhle kakhulu ekufudumaliseni amanzi nokugcina ukushisa, kusho yena. |
Ziningi izinto ongazenza ukuthi iMini yakho ihluke kunabanye. Izinguquko ezifakiwe ziyenza ibukeke kahle futhi kumnandi ukuyishayela yize ibuye ithi ukuqina iCooper S. Isikhala ayinaso njengoba kuwumncanyana nje. |
“Ziningi izinto umama azimisa empilweni yakhe ukuze sifunde ekhaya. Kukho konke ebengikwenza abazali bami yibona abagcizelela ukuthi ngibeke imfundo phambili bese ngilandelisa ngokunye. Kufanele sifunde singabantu besifazane ukuze sithathe izinqumo ezingcono empilweni yethu. Kufanele kube yizinqumo ezizoba nomthelela omuhle empilweni yabanye abantu emhlabeni,” kusho uDkt Nsele. |
ZININGI izitshudeni ezifake izicelo zokufunda okokuqala ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa zincane izikhala zazo. |
Ziningi izizathu ebezingenza uMcCarthy ahleke uma ephatha igama leChiefs. Esokuqala isizathu esokuthi Amakhosi aziphendule inhlekisa eshaywa iRichardsBay FC ngo 2-1 kwiLast 32 yeNedbank Cup emasontweni amabili edlule. Esesibili kungaba ukuthi iqembu elisashaye uMcCarthy selokhu athatha izintambo kuMaZulu iyona kanye iChiefs, eyamshaya ngo 1-0 ngenyanga edlule. Igoli kuloyo mdlalo lavalelwa phakathi uSamir Nurkovic. |
“Ziningi izizathu zalokhu abanye basemanqikanqika ukungena bathi shi ngenxa yokuthi le mboni inamadoda amaningi. Kwesinye isikhathi nawo amadoda asangabaza ukufaka abesifazane ezikhundleni ngoba ebona sengathi ngeke bakwazi ukumelana nomsebenzi onzima,” kusho yena. |
Ziningi kakhulu izincwadi ezabhalwa wuLuther ezimelene nokugetshengwa kwabazalwane ebandleni. Wadabula nencwadi eyayivela kuPapa imsabisa ngokuthi akahoxise imiqingo ayeyibhalile nezinkulumo ayezethula emakholweni "ngokungemthetho". |