input
stringlengths 1
130k
⌀ |
---|
ZethembisoVilakazi; Miche Minnies; Sphumelele Shamase; Sibulele Holweni; ThubelihleShamase; Khunjulwa Mali |
zethu zabafana, ukuba ziyeke le nto eziyenzayo zibuyele esigabeni sokuziphatha kahle?” kusho iSilo |
Zevile ku-570 000 izibonenelo ezingalandwanga kanti uma kushaya u-Agasti 31 nonyaka zingalandiwe, zizobuyela kuMgcinimafa kazwelonke (uhulumeni). |
ZIBAKHALELE abafundi abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-16 ngokubulawa kowesilisa eLimpompo ngempelasonto. |
ZIBAKHALELE abalisa ababili bandawonye abasolwa ngokutholakala nezimoto ezebiwe okukhona kuzo okuthiwa idunwe eManzimtoti ngenyanga edlule. |
ZIBAKHALELE abalisa ababili baseWeenen abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni. |
ZIBAKHALELE abalisa abathathu abasolwa ngokudayisa kabusha amathikithi ebhola emdlalweni weNedbank Cup Final obuphakathi kweKaizer Chiefs neTS Galaxy ngoMgqibelo. |
ZIBAKHALELE abasolwa abane abebeqhumisa izibhamu emngcwabeni wesikhulu samatekisi eBhamshela ngoMgqibelo. |
Zibakhalele abayisithupha abasolwa ngokweba imfuyo, okubalwa kubo nekhehla elineminyaka engu-61. |
ZIBAKHALELE abesifazane abathathu ngecala lokukhwabanisa abebezobhalisela izitifiketi zezingane “eziyizipoki” ngenhloso yokuthola isibonelelo sikahulumeni ehhovisi loMnyango wezaseKhaya eMgungundlovu izolo. |
ZIBAKHALELE abesilisa ababili abadubule owesifazane ethangeni bantshontsa nemali engu-R80 000 yestokofela eDundee . |
ZIBAKHALELE odokotelambumbulu baseThekwini ababoshwe emva kwezinsolo zokukhwabanisa izincwadi zokugula. Amaphoyisa aKwaMashu esigcemeni sakwaP, ophiko lweCrime Intelligence abophe abangani omunye oneminyaka ewu-37 nona-47 okusolwa ukuthi bazenza odokotela maqede benzele abantu izincwadi zokugula ezingekho emthethweni. |
ZIBAKHALELE onogada abane ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala oThongathi. |
“Ziba khona izigameko lapho kubulawa khona abantu kuleli hostela kodwa sike sizwe kuqhuma isibhamu noma kukhona abakhalayo okusho ukuthi kunesigameko esenzekayo, kulokhu sivuke kudindilize umzimba kodwa kungabonakali igazi lapho kwenzeke khona isigameko nokuthi ubulewe kephi,” kusho ohlala kuleli hostela. |
ZIBALEKE zashiya izibhamu izigebengu okuthiwa beziyobamba inkunzi eThekwini, izolo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa asesiteshini samaphoyisa eDurban Central abenomkhankaso wokulwa nobugebengu ngesikhathi emiswa yilungu lomphakathi ebelikhathazekile. |
Zibalelwa ku-13 izikhungo ezihlolela ukushayela ezivalwe okwesikhashana esifundazweni. Lokhu kubangelwe ukuthi kutholakale kunabasebenzi bazo bahaqwe yiCorona. |
Zibalelwa ku-2 000 ngehora izimoto ebezidlula eMariannhill Toll Plaza emini emgwaqweni uthelawayeka uN3, abantu ababezochitha amaholidi eThekwini sebebuyela kwezinye izifundazwe. |
ZIBALELWA ku-56 000 izitshudeni ezichithwe yisikhwama esixhasa ngezimali zokufunda emanyuvesi nasemakolishi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). |
Zibalelwa ku-751 858 izitshudeni ezixhasiwe wathi kulezi ezingu-489 912 ezasemanyuvesi kwathi ezingu-261 404 ezasemakolishi amakhono amaTVET. |
Zibalelwa ku-817 izithunywa ebezethamele ingqungquthela zivela ezindaweni ezahlukene. Phakathi kwezinye izikhulu ze-EFF bekukhona noDkt Mbuyiseni Ndlozi ubelokhu ecule njalo kuhlokoma inkundla. |
Zibalelwa kwezingu-20 izibhamu okuthiwa azikho emahhovisi kamasipala ziyohlolwa. |
Zibalelwa ngaphezu kwamashumi ayisithupha ekhulwini izintokazi ezineso eliba wuphephesana futhi kuzo akubikhona ukuconsaconsa kwegazana uma ziya ocansini okokuqala zisebenzisa lo mgudu ongaphambili kowesifazane. Iso eliwuphephesana liyazishabalalela uma owesifazane ekhula eya eminyakeni engu-25. Lokhu kusho ukuthi iningi lezintombi ezikule minyaka azisenalo iso, hhayi ngoba zingaziphethe kahle kodwa ngoba zizalwe liwuphephesana lwaze lwazinciphela lwaphela okanye lwaba encane intsalelela odongeni lomgudu. |
Zibambana nje iSundowns ibidlala umdlalo wayo wesithathu kusukela kubuyiwe. |
ZIBAMBANE kwathula umoya kumaSouth African Music Awards (Sama) abeyizolo eSun City, eNorth West. |
Zibambene phezulu neSuperSport United ngamaphuzu awu-40 ehlezi endaweni yesithathu, okuchaza ukuthi zisele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiKaizer Chiefs eqhwakele phezulu, okuyenza isale kwiMamelodi Sundowns enamaphuzu awu- 44 nehlezi endaweni yesibili. |
Zibekwa nje, ngalaba badlali sesinqoba isicoco. Okubalulekile njengamanje ukuthi sibambe lo mgqigqo wabo. Iqembu lakhiwe inqwaba yabadlali abanesipiliyoni. Ngaphandle kwabanikazi beqembu, ngithanda nokubongela bonke abasebenzi beZimnyama kuze kuyoshaya kubalandeli osekuphele isikhathi eside bewa bevuka neqembu. |
Zibekwa nje ngomzuzu ka-11, unozinti weChiefs u-Itumeleng Khune, wenze iphutha ezama ukuphasela uPhilani Zulu, ibhola lawela ezinyaweni zikaKaruru, walibeka enethini. |
Zibekwa nje ngomzuzu wesibili iColumbia yenze iphutha emuva, eliholele ekutheni uCarlos Sanchez athole ikhadi elibomvu ngemuva kokubamba ngesandla imbumbulu ebizobhajwa ezintanjeni ebishaywe uYuya Osaka. |
“Zibe ningi zona izingqinamba kule sizini esanda kuphela okubalwa kuzo nokudlala egunqwini (bio-buble), okuyinto ebesingakaze sibhekane nayo ngaphambilini,” kubeka uMutizwa. |
ZIBE nomthelela omubi futhi zenyuse isibalo sokufa kwabantu izibhelu zangoJulayi, ezenzeka eGauteng naKwaZulu-Natal. |
Zibe sezibizwa emoyeni izimoto, okubaleke ngazo amadoda kwasabela amaphoyisa asoKhahlamba athe zibonakele emzini wenyanga lezo zimoto. |
Zibe seziya ezinhlakeni ezifanele zibike ukuthi yebo umuntu wenu usengcupheni yokwenzakaliswa,” kusho uCele |
Zibhikishela izibonelelo ze-NSFAS, izindawo zokuhlala izitshudeni ezingekho esimeni nokuphepha ezindaweni ezihlala izitshudeni, nokunye. |
ZIBHIKISHE ngaphandle kwamasango esikhungo izitshudeni zaseLangeni TVET College ophikweni lwaso olukwaNyuswa iQadi campus izolo, zikhala ngokunswinywa yiziphathimandla zesikhungo imali eyabelwe izitshudeni ngabesikhwama esibhekela izitshudeni iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS). |
ZIBHOKA ziyakhahlela izinduna zaseNkandla, ezikhala ngokuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ubabambise udonga ngokubakhokhela imiholo yezinduna ababengakayitholi. |
Zibile khona izinkinga ngesikhathi kuphuma abadlali emhubheni njengoba leli phephandaba lingakubika ukuthi "bekunabathile’’ abebefuna ukungena kuqala enkundleni abadlali bengakangeni kodwa abomthetho benza umsebenzi wabo. |
Zibiza uR15 million izincwadi ezizotholakala kulo mtapo, nezikaR9 million ezitholakala kwikhompyutha. |
Zibonda udaka ngobhoko olubazwe izandla ezimnyama. Ngicela kulungiswe indaba yelobolo, selenziwa ngezindlela eziningi ezididayo. Sicela indlela kaShepstone ibhekisiswe mhlawumbe siyobona ukuthi kwaphambuka kuphi. Uthola ukuthi abazali bakho abazange bagcagca kodwa bashada ngesilungu. |
Zibonele! Follow WinsuranceLab on Facebook. Evaluate. Copytrade. Grow with us. |
ZIBONGA uNkulunkulu izintokazi eziphunyuke emlonyeni wengwenya ohlelweni lokupheka, iMy Kitchen Rules SA, ngeSonto. |
ZIBOSHIWE izithandani ezisolwa ngokungqongqisa umuzi wakamakhelwane, okuthiwa zidinwe ukubanjwa zigezwe ngenkani emva kokuthi abangani abaphuza nazo bebekhala ngokuhlukunyezwa yiphunga, esigamekweni esenzeke eHammarsdale, e-Unit-4 ngoMgqibelo. |
“Zibuhlungu izindaba zokudlula emhlabeni kukaBheka Phakathi. Wenze umsebenzi omkhulu kakhulu. Ngesizini edlule usibeke endaweni yesibili ekubeni efike isizini iphakathi kanti kulokhu usibeke endaweni yokuqala. |
“Zibuhlungu izinhliziyo zethu siwumndeni. Umuntu ongaba nolwazi ngokuthi kwenzekeni wumngani wakhe owamphuthumisa esibhedlela. Njengamanje simatasa namalungiselelo omngcwabo,” kusho uNcayiyane. |
ZIBUKEKA zihamba kahle izinhlelo zokubuyela kwezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme kwazise iNyuvesi yaseZululand iveze ukuthi isiqalile ukwamukela izitshudeni esikhungweni sayo. |
ZIBUKEKA zimhambela kahle izinto uDJ waseThekwini, obuye ngezinkani ngengoma entsha. |
ZIBUKEKA zithembisa izinombolo ze-Inkatha Freedom Party esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba imiphumela yokhetho isiqalile ukungena. |
Zibuya ekhefini amaBaby Boks enze elinye iphutha wabonga wanconcoza uBaptiste Coulliloud oshaye i-try yokuqala esiwombeni sesibili kodwa waphinde wahluleka ukunezela amaphuzu uNtamack. Kwenzeka konke lokhu nje, kuyacaca futhi ukuthi iFrance iyona ewina wonke amabhola phansi nasemoyeni. |
Zibuya ngakho kodwa ekhefini uMohau Mokate uthole udanki wethuba kodwa wazama konke ukuwungqofela enethini kodwa kwangalunga. Kulimale kabi uThami Mkhize eshayeka ekhanda indawo yakhe yathathwa uCraig Martin. Ubumqoka bokuwina lapha bese bubonakala ngoba nabeCape Town City abadlali bese benyukelwe umoya kucaca ukuthi kusweleke ozogadla. Nabaqeqeshi bangenelele kulokhu kugxazana kwabadlali. Imbangela yalokhu bekuwuqina-thambo obudla lubi esiwombeni sesibili. Kungenxa yawo (uqinathambo) uMthembu akazange awuqede lo mdlali. Umdlalo uze waphela zilokhu zithathana kodwa langabe lisabakhona igoli. |
Zibuye ekhefini kwaqhubeka lokho uSingh enamathisela elesine sekuphele ihora ngaphambi kokuthi uSipho Mbule anikeze uFoster ibhola abasele ngalo elesihlanu. |
Zibuye ekhefini ngoshintsho lwePirates ekhiphe uGabadinho Mhango indawo yakhe yathathwa uTerrence Dvukamanja. Akukho minyakazo etheni lo mgadli waseZimbabwe angene nayo. |
Zibuye esiwombeni sesibili ngomfutho ofanayo. Empeleni uKgatlana bekufanele ashaye igoli lesibili leBanyana ngomzuzu ka-56 kodwa kwanqaba unozinti weSpain uPaños olivimbe lingakaweqi ulayini. |
Zibuye ngamandla izintokazi zaseSpain zashaya amagoli amabili, okube amaphenathi avezwe iVAR avalelwa phakathi umgadli we-Atletico Madrid, uJennifer Hermoso. Isipikili sokugcina sishayelwe uLucia Garcia oshaye igoli lesithathu. IBanyana iqede umdlalo ingasaphelele njengoba uNothando Vilakazi odale iphenathi yesibili ethole amakhadi aphuzi amabili. |
Zibuye ngomfutho nokho ezikaBenni McCarthy zaze zathola iphenathi ethathwe uRiyaad Norodien emshiye edidekile uMweene. Le phenathi idaleke ngemuva kokuthi uSiphelele Mthembu ethe uzama ukushayela ipali, ibhola lavinjwa yisandla sikaLangerman. |
“Zibuye zizobika kimi zithi njengoba ngangishada baba umkhwenyana akasabuyi ekhaya. Wemadoda anike niziphatheni kahle izingane zabantu. Anginithethisi amacala kodwa ngiyacela noma ngabe umuntu unezintombi eziningi kodwa wobuya ngoba lo usumbekile ekhaya. Utshengise ukuthi lona wathelwa ngenyongo lapha ekhaya, kwathiwa umakoti wala ekhaya. Yazi umuntu wesifazane uma eseshadile usuke esefike ekugcineni, wena ndoda uma usumbalekela uthi aqhubeke ayephi?” kubuza uNyazi. |
ZIBUYILE ekhaya izelamani zaseWyebank ePinetown ebezinyamalale zisendaweni yobumnandi KwaMashu okuthiwa bezihleli nabangani. |
ZIBUYISELWE isipiliyoni izinsika zamaProteas esikwatini samaTest. Ngesonto eledlule iCricket South Africa (CSA) imemezele isikwati sabadlali abazoyibamba emidlalweni yamaTest uma elakuleli selibhekene neNew Zealand emidlalweni emithathu. |
Zibuze futhi ukuthi ngabe uyilandele yonke yini imigudu yokushada ngoba abantu abadala bafuna izinto zenziwe ngendlela. Ayikho into edlula ukuthi uhlanganise imindeni yenu nike nilukhulume lolu daba. |
Zibuze nawe ukuthi yini eshintshile phakathi kwakho nomyeni wakho emva kokufika kwabantwana empilweni yenu. Ngabe usamnika isikhathi owawumnika sona ekuqaleni? Nisazikhipha njengabantu abathandanayo? |
Zibuze umbuzo owodwa. Uma ngabe engathokozile emshadweni wakhe njengoba esho, pho uhlaleleni kulo mshado? Musani ukudlala abantu besilisa kangaka. Uma engathokozile akaphume phela ukuze nawe ubone ukuthi cha akahleli kahle. Sekudlalwe kakhulu ngabantu besifazane egameni lokuthi “angithokozile emshadweni wami”. |
Zicelana udede nje yingoba kulungiselelwa ingqunguthela yokukhetha ubuholi beqembu ezobanjwa kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje. Kuvalwa isikhundla esishiwe wuMnuz Mmusi Maimane owashiya eqenjini. |
ZICHAZEKILE izitshudeni zase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) e-Edgewood Campus wumculi kamaskandi, Igcokama Elisha ebelinandisa emcimbini obuhlelwe wubuholi bezitshudeni zesikhungo, ngoLwesihlanu ebusuku. |
- Zichaze zicace izizathu ezenza udinge uxhaso lwemali, ukhombise nokuthi inkampani yakho ibihweba kahle ngaphambi kokuthi ubone isidingo sokucela uxhaso lwemali. |
ZICHITHIWE izivivinyo zamaphakathi nonyaka kwabafunda umatric ukuze bagxile ezifundweni zabo, bangaphazamiseki njengoba kuhlasele iCovid-19. |
Zicishe zashintsha izinto kodwa zamphika izinto uMhango, elinye lamabhola akhe lishaya ipali. |
ZIDEDELWE ngebheyili kaR50 000 izikhulu zikamasipala weTheku ezibhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa okuthinta inkontileka kadoti kaR208 million. |
ZIDINWE zigane unwabu izikhulu zakwaPrasa ngokwebiwa kwesitimela KwaZulu-Natal esishayelwe izigebengu ibanga elingamakhilomitha awu-12. |
“Zidlala othisha abangabona abendawo abaqhamuka eThekwini, eMgungundlovu nakwezinye izindawo,” kuchaza umthombo. |
ZIDLULE nabantu abangu-1612 izingozi ezenzeke emgwaqeni yakuleli ngesikhathi samaholidi kaDisemba nyakenye. |
ZIDLULE nemiphefumulo yabantu abathathu izingozi zomgwaqo ezenzeke ngoMgqibelo eVerulam, enyakatho neTheku. Kushone umshayeli kwalimala abagibeli ababili ngesikhathi kugingqika imoto abebehamba ngayo emgwaqweni uR102 eVerulam ngoMqgibelo ebusuku. |
Zidlule ngegoli kaTshegofatso Mabasa nelikaFortune Makaringe. |
ZIFE olwembiza izintombi zoMhlanga ngemva kokukhothama kweSilo saMabandla, ebesizikhuthaza nangokuzigcina, zizithibe ocansini. |
Zifika neservice plan yeminyaka emithathu engakalelwe ibanga olihambile, warranty yeminyaka emithathu, roadside assistance yeminyaka emithathu necorrosion warranty yeminyaka emihlanu. |
Zifike zibatshele ukuthi umuzi ngokwemiyalelo yenkantolo usuthengiwe sekuzomele baphume bayofuna indawo yokuhlala. Babuye bathenjiswe imali encane eyisinxephezelo uma nje bezovuma ukusayina amaphepha okuvuma ukuthi umuzi bayawudedela udayise. |
“Zifikile izikhulu zomnyango zithi asisebenze kodwa sisebenza kanjani emuva kokuthi uzakwethu edlwengulwe emsebenzini? Kungani ingakhulunywa indaba yokuthuthukisa ezokuphepha. Okokuqala nje kufanele babone ukuthi kuyingozi kangakanani ukusebenzisa umhlengikazi oyedwa emtholampilo. Uzakwethu ubesebenza yedwa vo ngesikhathi egilwa lo mhlola,” kusho umhlengikazi ongathandanga ukudalulwa ngoba akavumelekile ukuphawula kwabezindaba. |
ZIFIKILE izincwadi ezizothunyelwa ezikoleni zaKwaZulu-Natal ezizosiza abafundi bafunde ngabodwana ukubalekela ukuthelelana ngeCoronavirus. |
ZIFINYELELE kwangqingetshe izingxoxo zokuzama ukuhlenga inkampani yamabhanoyi kahulumeni iSAA) kwazise uMnyango wamaBhizinisi kahulumeni uhoxile kulezi zingxoxo. |
ZIFUNA bakhonjwe indlela abafundi abashaya nabagwaza othisha izinyunyana njengoba zikhala ngokuthi imithetho ekhona ezweni ivuna abafundi. |
Zifuna futhi kuvulwe nezindawo zobuciko ukuthi zamukele abantu abangadluli ku-70% esibalweni esimumathwa yileyo ndawo. |
Zifuna inyuvesi ibuyise zonke izitshudeni ezindaweni ezihlala izitshudeni |
Zifuna nabangaphezu kweminyaka engu-60 bavunyelwe ukufaka izicelo. |
ZIFUNDELE IZIMVO ZABANTU NGALESI SITHOMBE SOMALEMA NOMNDENI KAMANDELA: |
“Zifundise (izingane) ukuthi azingabi othathekile,” kugcizelela uNksz Samuels. UMnuz Sunil Sewpersadh wenkampani iYashTech Consulting ongungoti ngokusebenza kwezinkundla zokuxhumana ufakazele okushiwo yiKwaZulu-Natal Childline. |
ZIFUNWA uthuli “izinkabi” okuthiwa zigasele endaweni yobumnandi eWiseman Car Wash KwaMashu eThekwini, zavulela ngenhlamvu kwashona usomatekisi nomsebenzi wakule ndawo. |
ZIFUNWA uthuli ngamaphoyisa iziboshwa ezingu-16 ezeqile ngesikhathi iloli yamaphoyisa ethwala iziboshwa ivinjwa ngamadoda amahlanu abehlome ngezibhamu eMgungundlovu, ngoLwesithathu ekuseni. |
Zigcina ukutholana phezulu lezi zinkunzi zaseSoweto koweCarling Black Label Cup, iChiefs yanqoba kumaphenathi. |
ZIGCINE zimenyezelwe izintokazi ezizobonakala ohlelweni oluzobonakala okokuqala kuleli iSingle Wives SA, ezoqala ngoSepthemba 3 ngo-7 ebusuku kuM-Net. |
ZIGCINE zitholakele izidumbu zezelamani ebezimuke nomfula eMsakane eMuden, ngaphandle kwaseGreytown. |
ZIGCINE ziyitholile indawo kwiSouth African Football Association (Safa) izikhalo zabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo baseMzansi ngokungafakwa kwenkanyezi phezu kwebheji ejezini leBafana Bafana. |
Zigiya ziqephuze ngegama lami zithi dudu, |
Ziguqukile izikhathi, asingalokhu sithi “libanjwa lishisa” emendweni, sibe sazi ukuthi kwabanye kusho ukuthi abaphume ngebhokisi bewubona umendo uyisihogo. Masifundise izingane zethu zisencane ukuzithanda zingalindeli ukuqinisekiswa omunye umuntu ngobuhle nokuthandwa kwazo. Lapho zikhala masizilalele, lapho zifuna ukubuyela emakhaya, masizimukele ngothando nangezandla ezifudumele sizisize ukubopha amanxeba. |
“Zigwemeni izindawo ezigcwalayo, ezingenakho ukuphefumula okwanele. Phumelani ngaphandle nijabulele isimo sezulu saseThekwini. Washani izandla, nigqoke izifonyo ngendlela okuyiyo emakhaleni nasemlomeni, hhayi esilevini,” kusho uKaunda. |
ZIGXOBE itoyitoyi emasangweni esikhungo senyuvesi esiseThekwini, izitshudeni zaseDurban University of Technology izolo, zifuna inyuvesi iqede ngohlelo lwama- higher certificate ezithi luzichithela isikhathi. |
Zihambe kanjalo nomama ngeSonto kanti ekuseni ngoMsombuluko zizoklanjwa. Kubuhlungu kabi esikubonile,” kusho uNkk Zuma.
Zihambe noninakhulu wazo ziya emtholampilo eTshepisong. Izingane ezimbili zishone zifika nje emtholampilo.
ZIHLALELE ovalweni izinduna ngenxa yokubulawa kwesinye sezishoshovu zenhlangano Ubumbano Lwezinduna ebesimdibi munye nezinduna ezamashela ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal emasontweni amabili edlule.
Zihlale zinxusa ukuthi okungenani uma zinikwa izitatimende kubanjwe iziqu lokhu kungasiza ngoba zizokwazi ukuthola imisebenzi.
Zihlale zivela izinsolo zesandla semfene konondweba emidlalweni yeCaf.
Zihlanganisa ama-airbag ngaphakathi, amakhamera nama-sensor asiza ukuthi ungashayisi, iyazibamba amabhreki uma kunengozi, iyakuxwayisa uma ingase ishayise ngaphambili, iyasho uma uphuma emzileni noma kunemoto eseceleni, cruise control, iyazibamba ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo nokunye.
Zihlanganisa ukuzama ukuthola abanye abazotshali zimali abazimele abazoba yingxenye yabanikazi bamasheya uma isilawulwa kabusha le nkampani.
–Zihlanganise nabanye abantu abakhulisa izingane abangazizali nengawe ukuze nichushisane ngolwazi.
ZIHLEKA zodwa izalukazi namakhehla njengoba imali yempesheni izokwenyuka ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni, ememezele ngesikhathi ethula isabelo sezimali izolo.
ZIHLEKA zodwa izikhulu ze-Ajax Cape Town ngemuva kokuthi ijaji laseNkantolo eNkulu eGauteng uDenise Fisher linqume ukuthi sishaywe indiva isinqumo sikamehluleli weSafa, u-Adv William Mokhari, sokuphuca leli qembu laseKapa amaphuzu agcine eliyise ehlathini.
- Zihlelele kusenesikhathi ukuze ungazitholi usutatazela ngomzuzu wokugcina.
“Zihlukumezekile lezi zingane ezithole isidumbu, ngifisa nokuthi zelulekwe ngokomqondo. Zithe yizinja ebezihamba nazo ezizwe iphunga, zaqonda kusona isidumbu. Kubuhlungu engikubonile, asisazi kwenzenjani kule ndawo. Sesike senza ngisho umkhuleko ngenxa yokubulawa kwabesifazane,” kusho uNkk Zungu.
Zihluphe ngokubuka izikhangiso zomsebenzi emaphepheni nakuyo yonke imithombo, bese ufaka isicelo kuleyo obona sengathi ikulungele.
ZIJABULISE abalandeli bazo izinkunzi zaseSoweto, zinqoba imidlalo yeDStv Diski Challenge ebingoMgqibelo, eDobsonville Stadium.
ZIJABULISE abazali bazo izingane zosaziwayo bakuleli ebezifunda u-matric, ezibe kweziphumelele onyakeni obungemuhle ngenxa yegciwane iCovid-19.
ZIJIKE mbijane izinto kuMaZulu FC ne-Orlando Pirates abebekhiphana inkani emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi izolo ebusuku njengoba la maqembu egcine abelane ngamaphuzu kuba ngu 0-0.
ZIJIKILE izinto enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi uMnuz Thalente Mbongwa, obhekene namacala okudlwengula owesifazane (51) nomzukulu wakhe (7), eveza ukuthi usehlela ukuwaphika amacala phezu kokuba wayethe uyawavuma ekuqaleni.
ZIJIKILE izinto esikhungweni esiphakela omasipala nezimboni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal amanzi uMhlathuze Water, esithole umbiko womcwaningi mabhuku jikelele omuhle futhi ongenayo imibandela.
ZIJIKILE izinto kuMasipala iNelson Mandela Bay njengoba kushone elayizolo sekuqokwe imeya entsha emuva kokuthi obeyiMeya uMnuz Athol Trollip eshaywe ngevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe.
Zijikile izinto kwakhuphuka imimoya ngesikhathi abaholi bomphakathi bechazela amalungu omphakathi abengalinganiselwa ku-300 abegcwele ngaphandle, ngokuchithwa kwecala. Basole ukungasebenzi ngendlela kwamaphoyisa nesandla semfene kulolu daba.
“Zijikile manje izinto njengoba sekubuye uBaxter ofana nobaba kwabanye babafana abancane kwiChiefs njengaye uNtiya-Ntiya.
Zijwayele ukumane zizivelele nje esikhumbeni kube sengathi kubambelele izilwanyana ezincane nje esikhumbeni.
* Zijwayeze ukugcoba i-sunscreen njengoba ivikela ebungozini bokusha kwesikhumba.
Zijwayeze ukuthi awudingi muntu ukuzwela uthando. Wena uwedwa nje wanele. Futhi ukuba nothando nokwenzela umuntu konke akufunayo akuyona into embi. Kodwa nawe hlukana nokuziveza njalo njengomngani kowesifazane ofuna ukuthandana naye. Ngale kwalokhu, singasho nje ukuthi qina ndoda, ukubuke lokhu njengomuntu okhulile. Wethembe futhi uzomthola ozokubheka ngamehlo othando uma uzozikhangisa ngaleyo ndlela nawe.
ZIKHALA ezimathonsi iziguli ezisebenzisa umtholampilo waseNanda, eziphindiswe emuva ngenxa yokuhaqeka kwabasebenzi bawo yiCovid-19.
ZIKHALA ngendlala izitshudeni zasesikhungweni semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology (MUT) kulandela ukungazitholi izibonelelo zokudla zesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
ZIKHALA ngokungayitholi i-data ezathenjiswa yona ukuze zifundele emakhaya, izitshudeni zase-University of Zululand, oNgoye, izolo ezibhikishe ngaphandle kwenyuvesi.
ZIKHALA ngokutatulula izidumbu ezonakele, ezigcwele izimpethu izisebenzi zasemakhazeni kahulumeni asePark Rynie, ezithi azisakuthokozeli ukuya emsebenzini ngenxa yesimo ezisebenza kusona.
Zikhala ngokuthi ubezihlinela, angakhulumi nazo uma kukhona indoda abezwana nayo. Kasazi nokuthi siyiqale ngakuphi le ndaba ngoba ibuhlungu. Ubulawe yizingane azizalayo, igazi lakhe, abantu abancelise ibele,” kusho omunye.
“Zikhala ngokuthi ubezihlinela, angazikhulumisi uma kukhona indoda abezwana nayo.
“Zikhala ngokuthi uNosipho ucekele phansi isithunzi salesi siteshi. Okuzicasule kakhulu ukuthi ubenza konke lokhu eduze kwemoto yeGagasi FM. Zifuna ukwazi ukuthi ubefunani eduze kwemoto yezinye iziteshi,” kusho lo mthombo. Ebuzwa uNosipho ngala mahlebezi okuthi umisiwe, akavumanga futhi akaphikanga kodwa ucele ukuba abuye athintwe. Esefonelwa okwesibili, wenqabile ukuphawula. Umphathisiteshi, uVela Xulu, uzwakale engafuni ukukhuluma ngalolu daba. Uphikile ukuthi uNosipho umiselwe le video, kodwa wathi uzicelele ukuhlaba ikhefu.
ZIKHALA ngokwenza umsebenzi wesizwe zingatholi ngisho indibilishi izinduna ezakhele ubukhosi baKwaCele eMatimatolo, ngaseMdlovane.
ZIKHALA ngonya lomnikazi wepulazi ezakhe eduze kwalo okuthiwa uvale umgwaqo odabula epulazini lakhe kusukela ngoDisemba osekuholele ekutheni ziphuze emaxhaphozini ngoba amaloli amanzi awasakwazi ukungena, izakhamuzi zasePepworth epulazini i-Skap Plant eliseMnambithi.
ZIKHALA ngonya lweziphathimandla zase-University of Zululand izitshudeni zakwamanye amazwe ezifunda kule nyuvesi ngokukhishwa ezindaweni zokuhlala njengoba kusame yonke into kuleli kwazise kusaliwa nokubhebhetheka kweCoronavirus.
ZiKHALELWE ngamasongo kaSigonyela izelamani ezimbili eziboshwe ngamacala okubulala nokuzama ukubulala ehostela laKwaMashu kanye nasezindaweni ezakhele iTheku.
ZIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela izithandani ezisolwa ngokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu somfana oneminyaka emihlanu wase-Orange Farm ethaveni yazo.
ZIKHALE mi iziboshwa zabesifazane zicela ushwele kuNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlumeleliswa kweZimilo kuzwelonke, u-Advocate Michael Masutha.
ZIKHATHAZEKILE izikhulu zikaMasipala weTheku ngesibalo esiphezulu samacala anqwabelene - 300 - okuqondiswa ubugwegwe kwezimenenja ezithinteka ezinsolweni zenkohlakalo nokukhwabanisa.
ZIKHETHWE ngoelethu" izimeya ezintsha zemikhandlu yaKwaZulu-Natal yize bekunokwesabela ukuthi kungase kuphonselwe inselelo ukuqokwa kwazo. |
ZIKHIHLA esikaNandi izakhamuzi zaseNkunzi, eMnambithi, ezifelwe yizinkomo ezidle ushevu okuthiwa uthelwe wumuntu ongaziwa edlelweni zasala ziqumbile. Zibalelwa ku-20 sezizonke izinkomo ezifile nembuzi nayo okuthiwa ikhothe endaweni efanayo yaqumba. |
Zikhiphe isidumbu sephoyisa, kwalimala namanye amabili izehlakalo ezimbili zokuhlaselwa kwawo eGreytown ngeSonto. |
“Zikhona ezinye izingoma asezenzile njengethi Amaphutha ayibhalelwe wuNaima Kay futhi ampikile, Mama nethi Imbali. |
Zikhona ezinye izinhlangano ezinjengeBlack Sash, Solomon Tshuku Advice Centre, Ubuntu Rural Women and Youth Movement neGirls Limited, nazo ezithe zizoqhubeka nokulwela isibonelelo sabangasebenzi. |
“Zikhona ezitholakale eDuvela KwaCeza ezingu-10, amaphoyisa asaqhubeka ukulandela umkhondo wokuthola ezinye kodwa akukaboshwa muntu mayelana nalolu daba. |
“Zikhona impela izinkinga kuNSFAS kodwa isitshudeni okhuluma ngaso sishone endlini yesoka ebesilivakashele. U-NSFAS umatasa nokuyilungisa inkinga ekhungethe izitshudeni,” kubeka uMchunu. |
“Zikhona impela izinkinga zokungaholelwa kwabadlali kwiGladAfrica. Ngikhuluma nawe nje kunamacala ayisikhombisa esinawo abhekene nelinye lamaqembu elidonda kanzima kwiGladAfrica (alishilo igama lalo). |